1
00:00:02,000 --> 00:00:07,000
Downloaded from
YTS.MX

2
00:00:08,000 --> 00:00:13,000
Official YIFY movies site:
YTS.MX

3
00:00:12,600 --> 00:00:14,518
<i>Lona nguZanele.</i>

4
00:00:14,519 --> 00:00:17,158
<i>Uzimisele kakhulu.
Akazwani nombhedo.</i>

5
00:00:17,159 --> 00:00:20,678
<i>Intokazi yesimanjemanje kanye
nomphathi ozibambela mathupha.</i>

6
00:00:20,679 --> 00:00:22,118
<i>Bese kuba no-Andile.</i>

7
00:00:22,119 --> 00:00:26,598
<i>Uyathandeka, uthanda
ukungcebeleka, uswahla lwensizwa.</i>

8
00:00:26,599 --> 00:00:28,760
<i>Ibabazi madoda.</i>

9
00:00:30,280 --> 00:00:33,678
<i>UZanele no-Andile bafana
negwinya nopholoni</i>.

10
00:00:33,679 --> 00:00:35,078
<i>Isitambu nobhontshisi.</i>

11
00:00:35,079 --> 00:00:40,278
<i>I-Straight ne-dash. Iqanda ne-Aromat.
Wena ngikutshela ngoRomeo noJuliet.</i>

12
00:00:40,279 --> 00:00:42,918
<i>Izithupha ziy'ogwayini.</i>

13
00:00:42,919 --> 00:00:47,200
<i>Futhi uyazi uma ubabona Nkosi
yami, ngingathi kuyahlangana.</i>

14
00:00:47,720 --> 00:00:52,078
<i>Yazi bahlale besitshela, ukuthi
ngaphambi kokuthi nenze noma yini,</i>

15
00:00:52,079 --> 00:00:55,918
<i>qinisekani ukuthi ningabangani bangempela.</i>

16
00:00:55,919 --> 00:00:57,920
<i>Awubheke ukuthi bahle kanjani.</i>

17
00:01:12,360 --> 00:01:13,800
Ngicela ukudlula.

18
00:01:16,760 --> 00:01:18,038
Nangu ehla, nangu ehla.

19
00:01:18,039 --> 00:01:20,880
O, yebo, nana!

20
00:01:24,400 --> 00:01:25,438
Yebo!

21
00:01:25,439 --> 00:01:29,400
Sky, ehla gogo! Ngizokuthengela
wonke u-ice cream owufunayo.

22
00:01:31,640 --> 00:01:33,838
- Sky! Sky! Sky!
- Sky! Sky! Sky!

23
00:01:33,839 --> 00:01:35,480
Whoo!

24
00:01:38,920 --> 00:01:40,078
Ngikwenzile!

25
00:01:40,079 --> 00:01:43,000
- Yebo kunjalo, ukwenzile.
- Ngikuphathele isipho, uyezwa?

26
00:01:43,800 --> 00:01:44,838
Woza sikumbathise.

27
00:01:44,839 --> 00:01:48,118
- Ngikwenzile, Chelsea!
- Ukwenzile, Sky! Wenze Kahle!

28
00:01:48,119 --> 00:01:50,838
Eh, lalelani.
Qagelani ngiphetheni?

29
00:01:50,839 --> 00:01:53,158
- Hmm.
- Heh? Hmm.

30
00:01:53,159 --> 00:01:54,560
U-Ice-cream!

31
00:01:56,720 --> 00:01:59,318
- Woza la. Woza ngikusize.
- Ithi ngikusize.

32
00:01:59,319 --> 00:02:00,718
Cha!

33
00:02:00,719 --> 00:02:03,038
Uwudla kanjani ke manje?
Angithi uwena.

34
00:02:03,039 --> 00:02:05,118
"Ningadla u-ice cream omningi ngendlela
enithanda ngayo." Bheka manje.

35
00:02:05,119 --> 00:02:06,520
Kulungile, sengiyazisola.

36
00:02:13,160 --> 00:02:14,199
Vroom!

37
00:02:15,800 --> 00:02:17,438
- Ma.
- Sanibona.

38
00:02:17,439 --> 00:02:19,718
USky ugibele umshushuluzo we-Kamikaze.

39
00:02:19,719 --> 00:02:22,038
Bekusabisa kodwa kumnandi.

40
00:02:22,039 --> 00:02:24,478
Hawe ma, waze wanesibindi ntombazane.

41
00:02:24,479 --> 00:02:26,438
- Sawubona, sthandwa.
- Sawubona, sthandwa sami.

42
00:02:26,439 --> 00:02:27,958
Qagela ukuthi sikuphatheleni?

43
00:02:27,959 --> 00:02:30,040
- Ini?
- Mmm.

44
00:02:32,080 --> 00:02:33,278
Aw.

45
00:02:33,279 --> 00:02:35,280
Hawe ma.

46
00:02:36,160 --> 00:02:38,038
{\an8}Awu kwaze kwakuhle. Ngiyabonga.

47
00:02:38,039 --> 00:02:40,838
{\an8}- Sawubona, Zee.
- Ah Mama Jess.

48
00:02:40,839 --> 00:02:43,878
{\an8}Uyazi uma abantu bengitshela
ukuthi angeke bajabula

49
00:02:43,879 --> 00:02:46,198
{\an8}indoda yabo inomngani oyintombazane,

50
00:02:46,199 --> 00:02:48,318
{\an8}ngivele ngibatshela ukuthi ingoba abazi

51
00:02:48,319 --> 00:02:50,318
{\an8}ukuthi bayaphuthelwa ekubeni nomuntu
ozobagadela izingane mahhala.

52
00:02:50,319 --> 00:02:51,838
{\an8}O, yoh.

53
00:02:51,839 --> 00:02:54,438
{\an8}Ngizothini, lokho nje
engingakwenza ukusiza.

54
00:02:54,439 --> 00:02:55,718
{\an8}Besinjani isikhathi sakho uwedwa?

55
00:02:55,719 --> 00:02:59,358
{\an8}Ngiyazi umatasa uhlanganisa
umcimbi nayo yonke into.

56
00:02:59,359 --> 00:03:02,639
{\an8}Yebo, besikahle. Ngiyabonga.
Kodwa ngiyajabula ususekhaya.

57
00:03:04,960 --> 00:03:07,278
{\an8}Bafethu, ake ngibaleke ne.
Ngizonibona nina nobabili.

58
00:03:07,279 --> 00:03:08,678
{\an8}Uhambe kahle, Anti Zanele.

59
00:03:08,679 --> 00:03:10,358
{\an8}- Uhambe kahle. Ngiyabonga.
- Bhabhayi, Anti Zanele.

60
00:03:10,359 --> 00:03:12,558
{\an8}Heyi, mfethu. Ngizokubona kusasa angithi?

61
00:03:12,559 --> 00:03:14,438
{\an8}- Kunjalo. Ngeke ngiphuthelwe yiwona.
- Sho.

62
00:03:14,439 --> 00:03:15,558
{\an8}- Bhabhayi.
- Bhabhayi.

63
00:03:15,559 --> 00:03:17,559
{\an8}- Sho, Zee. Ngiyabonga futhi.
- Bhabhayi, Jess.

64
00:03:18,880 --> 00:03:20,320
{\an8}Usuku obeluphithene nje.

65
00:03:30,320 --> 00:03:34,520
ISAHLUKO 1
ABANGANI BAPHAKADE

66
00:04:11,000 --> 00:04:13,000
{\an8}LENA INDAWO YETHU YOKUJABULA

67
00:04:30,120 --> 00:04:31,878
Angithi uyazi ukuthi
awudingi ukuchaza muntu?

68
00:04:31,879 --> 00:04:34,878
Uxolo.

69
00:04:34,879 --> 00:04:37,638
- Awuchazekile?
- Ngisho ukuthi...

70
00:04:37,639 --> 00:04:39,758
Awu, nami ngichazekile, oe.

71
00:04:39,759 --> 00:04:41,678
Hayi, cha nikhiphe unyawo, bakwethu.

72
00:04:41,679 --> 00:04:44,518
- Sawubona, Zee. Ucabangani?
- Naze Nabahle.

73
00:04:44,519 --> 00:04:47,878
Uyamazi nje uJess, unempambosi
yokwenza neyokwenzisisa.

74
00:04:47,879 --> 00:04:49,680
Iqiniso lelo.

75
00:04:50,200 --> 00:04:51,400
Manje, ziphi izingane zami?

76
00:04:52,560 --> 00:04:53,798
Chelsea, Sky.

77
00:04:53,799 --> 00:04:55,040
- Sekuyisikhathi sokuhamba.
- Siyeza!

78
00:04:55,640 --> 00:04:58,040
- Aw mantombazane... Imani kancane.
- Ooh.

79
00:04:59,320 --> 00:05:01,438
- Ninjani? Sawubona, nana.
- Sawubona, Anti Zanele.

80
00:05:01,439 --> 00:05:04,598
- Uyazithanda izingubo zami?
- Ngiyazithanda, sthandwa sami. Umuhle.

81
00:05:04,599 --> 00:05:06,718
Kulungile ke, asambeni.
Thathani izikhwama zenu.

82
00:05:06,719 --> 00:05:08,520
Ngizonibona emotweni, angithi?

83
00:05:09,840 --> 00:05:12,198
- Izikhwama, amanzi, nazo-ke. Asambeni.
- Yima.

84
00:05:12,199 --> 00:05:14,238
UDlamini
uzoyithanda yonke lento?

85
00:05:14,239 --> 00:05:16,438
Yebo, uzoyithanda.

86
00:05:16,439 --> 00:05:19,360
<i>Surpise!</i>

87
00:05:21,040 --> 00:05:24,078
- Usuku oluhle lokuzalwa, Mkhulu.
- Uthokozele iminyaka engama-70, Mkhulu.

88
00:05:24,079 --> 00:05:25,438
Ngiyabonga.

89
00:05:25,439 --> 00:05:26,998
Usuku oluhle lokuzalwa kuwe, baba.

90
00:05:26,999 --> 00:05:29,598
Ngiyabonga. Ngiyabonga kakhulu.

91
00:05:29,599 --> 00:05:32,758
- Ngikutshelile uzoyithanda.
- Mmm. Uyazikhohlisa.

92
00:05:32,759 --> 00:05:41,038
<i>♪ Usuku olumnandi kuwe ♪</i>

93
00:05:41,039 --> 00:05:46,078
<i>♪ Usuku olumnandi kuwe, Mkhulu ♪</i>

94
00:05:46,079 --> 00:05:50,998
<i>♪ Usuku olumnandi kuwe ♪</i>

95
00:05:50,999 --> 00:05:59,880
<i>♪ Hip hip, hooray ♪</i>

96
00:06:12,360 --> 00:06:13,598
Hawu.

97
00:06:13,599 --> 00:06:16,598
Ngiyabonga, Makoti,
ngane yami. Hawe ma.

98
00:06:16,599 --> 00:06:18,280
Kade ngilomele itiye.

99
00:06:22,000 --> 00:06:23,200
Hawu, Koti!

100
00:06:23,720 --> 00:06:25,440
Hawu, umfazi kamfowethu, madoda.

101
00:06:25,960 --> 00:06:29,558
Imanzi yohlobo, bukake Mfazi kamfowethu
ngoba sengize ngaphelelwa ubhiya.

102
00:06:29,559 --> 00:06:31,078
Awungibambe ngomunye lapha.

103
00:06:31,079 --> 00:06:34,118
Hayi, hayi, hayi, yini? Usunqanyulwe
izandla yini manje?

104
00:06:34,119 --> 00:06:35,838
Wena ungakwazi ukuzilandela?
Usucela umakoti?

105
00:06:35,839 --> 00:06:38,918
Hawu kodwa Dlamini, uyambona ukuthi
uMakoti akanayo inkinga.

106
00:06:38,919 --> 00:06:41,478
Bafo, uyabona njengoba sila namhlanje...

107
00:06:41,479 --> 00:06:44,918
yonke lento oyibonayo, sihlangene la
ngenxa yakhe umakoti okhuluma ngaye.

108
00:06:44,919 --> 00:06:48,200
Ngeke kukulimaze ukuthi ubeke phansi
leyo mfologo uhambe uyozitholela ubhiya.

109
00:06:48,720 --> 00:06:49,758
Enza njalo ke, bafo.

110
00:06:49,759 --> 00:06:50,998
Kulungile ke, bafo.

111
00:06:50,999 --> 00:06:54,958
Nathi ngelinye ilanga mhlampe siyoze
sigcagcelwe kuphele izinkinga.

112
00:06:54,959 --> 00:06:56,920
We mame.

113
00:06:57,640 --> 00:06:58,640
Heyi.

114
00:06:59,400 --> 00:07:01,240
- Ngiyabonga, sthandwa sami.
- Nakanjani.

115
00:07:01,760 --> 00:07:03,798
Kahle kahle, kubonga mina.

116
00:07:03,799 --> 00:07:05,360
Yonke into yinhle la.

117
00:07:06,920 --> 00:07:08,200
- Ngampela?
- Mmm.

118
00:07:11,040 --> 00:07:12,080
Ewu.

119
00:07:12,920 --> 00:07:14,200
Eh-heh.

120
00:07:16,960 --> 00:07:20,798
Usuku oluhle kuwe, baba.
Ukhule ungakhokhobi.

121
00:07:20,799 --> 00:07:23,318
Ngiyabonga.

122
00:07:23,319 --> 00:07:26,958
Sibalukhulu, njengoba sihlangene namhlanje
umakoti lo ohlanganise yonke lento.

123
00:07:26,959 --> 00:07:29,758
Ubone kuyisu elihle ukuthi sikubungaze

124
00:07:29,759 --> 00:07:32,038
siphinde sihlanganise nomndeni futhi.

125
00:07:32,039 --> 00:07:33,998
- Oh.
- Mm-hmm.

126
00:07:33,999 --> 00:07:36,398
Hayike, Jessica,

127
00:07:36,399 --> 00:07:41,118
ngicela uke uyongithathela umqombothi
lapha endlini ngithi ukuphuza.

128
00:07:41,119 --> 00:07:42,640
Ngizobe ngihleli la.

129
00:07:43,640 --> 00:07:44,680
Eh-heh.

130
00:07:49,920 --> 00:07:51,440
Ngiyaxolisa.

131
00:07:55,720 --> 00:07:56,838
Mm-hmm.

132
00:07:56,839 --> 00:07:58,398
- Baba.
- Awu.

133
00:07:58,399 --> 00:08:00,438
Bengifuna ukuthi usuku olumnandi kuwe.

134
00:08:00,439 --> 00:08:02,760
Weh, Koti.

135
00:08:03,320 --> 00:08:04,920
Hawu, yini lokhu?

136
00:08:05,760 --> 00:08:09,240
- Umkhonto.
- Hewu, hewu, hewu.

137
00:08:09,840 --> 00:08:12,078
Hewu!

138
00:08:12,079 --> 00:08:13,840
Heh!

139
00:08:32,240 --> 00:08:36,198
Selokhu nje kwalahleka
umkhonto walayikhaya,

140
00:08:36,199 --> 00:08:38,797
besiloku singenawo umkhonto.

141
00:08:38,798 --> 00:08:43,358
Usuzovala lesiya sikhala
salo mkhonto owalahleka.

142
00:08:43,359 --> 00:08:45,037
Ngiyabonga, Makoti.

143
00:08:45,038 --> 00:08:46,559
Yebo, baba.

144
00:08:52,280 --> 00:08:53,960
Yindaba embiza ngoMakoti?

145
00:08:55,760 --> 00:08:56,920
Jess...

146
00:08:57,680 --> 00:09:01,360
Uyalazi ikhehla. Ungamnaki, uyezwa?

147
00:09:02,480 --> 00:09:04,080
- Ngiyabuya manje.
- Mmm.

148
00:09:10,480 --> 00:09:12,400
Oh, oh, oh.

149
00:09:16,320 --> 00:09:18,240
Ngiyabonga, Jessica.

150
00:09:19,200 --> 00:09:20,598
Eh-heh.

151
00:09:20,599 --> 00:09:22,638
Eyi muhle umakoti wakwakho.

152
00:09:22,639 --> 00:09:24,520
Weh.

153
00:09:28,240 --> 00:09:30,800
Nawe uyamazi ke.

154
00:09:38,840 --> 00:09:41,720
Sawubona.

155
00:09:42,280 --> 00:09:44,278
Ngiyaxolisa ukuniphazamisa.

156
00:09:44,279 --> 00:09:47,800
Bengisacela nje nithi ukungipha
indlebe kancane.

157
00:09:48,320 --> 00:09:49,438
Sibalukhulu,

158
00:09:49,439 --> 00:09:52,318
sithe uma sihlanganisa amakhanda
nabafowethu sabona ukuthi,

159
00:09:52,319 --> 00:09:56,880
sikuthengele nasi isipho sakho.

160
00:10:00,000 --> 00:10:04,520
Nami ubaba ngimazi njengendoda
ekhuthele esebenza ngokuzikhandla.

161
00:10:05,120 --> 00:10:07,958
Ngendlela athanda ngayo ukusebenza
ngiyacabanga ukuthi noma elele ebsuku,

162
00:10:07,959 --> 00:10:12,640
uphupha ngepulazi lakhe, eshayela
ugandaganda, elima, egade nemfuyo.

163
00:10:14,520 --> 00:10:15,920
- Ngifuna ukuthi siyabonga--
- Heyi!

164
00:10:16,880 --> 00:10:18,080
Yima lapho.

165
00:10:19,800 --> 00:10:22,838
Uzenza engathi uyalikhathalela leli khaya.

166
00:10:22,839 --> 00:10:25,880
Wenza engathi uyalikhathalela ifa lami.

167
00:10:26,400 --> 00:10:30,798
Uthe uma uphothula
izifundo zakho zamatikuletsheni,

168
00:10:30,799 --> 00:10:32,440
wayoshada umfazi womlungu.

169
00:10:33,240 --> 00:10:35,720
Walifulathela lelikhaya.

170
00:10:36,240 --> 00:10:38,480
Nobathathu nje, ninje.

171
00:10:39,040 --> 00:10:41,878
Akekho olikhathalelayo lelikhaya.

172
00:10:41,879 --> 00:10:44,280
Akekho okhathalela ifa lami.

173
00:10:45,000 --> 00:10:47,120
Kodwa nikwazi ukuza nezimbuzi la.

174
00:10:47,720 --> 00:10:49,280
Heh? Wena!

175
00:10:50,320 --> 00:10:52,598
Ngabe uhleli njengamanje ethaveni,

176
00:10:52,599 --> 00:10:57,400
ubhubhudla utshwala, uhlekwa yizwe
lonke ngokudakwa kwakho.

177
00:10:58,400 --> 00:10:59,400
Heh?

178
00:11:00,640 --> 00:11:01,640
Wena!

179
00:11:03,560 --> 00:11:04,720
Heh.

180
00:11:05,400 --> 00:11:09,400
Uzokhululma manje ukuthi,
'Heh, Baba, sikulethele..." Heyi!

181
00:11:10,440 --> 00:11:14,360
Yazi bantwana bami, ngempela ngempela,

182
00:11:14,960 --> 00:11:16,880
ningihluphile emoyeni.

183
00:11:17,680 --> 00:11:18,798
Heh?

184
00:11:18,799 --> 00:11:22,560
Uyazi bengicabanga ukuthi nina nobabili,

185
00:11:23,320 --> 00:11:24,600
oyedwa wenu,

186
00:11:25,200 --> 00:11:27,640
uzongizalela umzukulu womfana.

187
00:11:28,720 --> 00:11:30,720
Ozophatha leli khaya.

188
00:11:31,920 --> 00:11:33,718
Anikwenzanga lokho.

189
00:11:33,719 --> 00:11:35,360
Aninamsebenzi, mani.

190
00:11:36,160 --> 00:11:38,518
Niyazi ukuthi ngime kuphi manje.

191
00:11:38,519 --> 00:11:41,600
Niyazi ukuthi inhliziyo yami
injani ngalokhu.

192
00:11:43,080 --> 00:11:46,238
Ninake enikhamisile lapha,
nizele la ukuzo...

193
00:11:46,239 --> 00:11:48,278
- Phumani.
- Hawu, baba.

194
00:11:48,279 --> 00:11:50,238
Hayi, thula wena nkosikazi. Thula.

195
00:11:50,239 --> 00:11:53,080
Ngithi phumani. Niyawazi umkhonto?

196
00:11:53,920 --> 00:11:55,320
Phumani! Hambani!

197
00:12:07,320 --> 00:12:10,318
Uyazi unabazukulu ababili
bamantombazane amahle.

198
00:12:10,319 --> 00:12:13,318
Angazi ukuthi lokhu kukhala
ngengane yomfana kuqhamukaphi?

199
00:12:13,319 --> 00:12:18,440
Uqinisile ngampela. Kubaluleke ngani ukuba
nomfana noma umzukulu womfana vele?

200
00:12:18,960 --> 00:12:22,640
Bafethu, uSky noChelsea bazoshada
bathathe ezinye izibongo.

201
00:12:23,520 --> 00:12:25,878
Ufuna nje kuphela isibongo
sakwaDlamini singashabalali.

202
00:12:25,879 --> 00:12:27,318
Futhi yingane yomfana kuphela
engakwenza lokho.

203
00:12:27,319 --> 00:12:30,558
- Ini, uvumelana naye?
- Cha, akunjalo.

204
00:12:30,559 --> 00:12:32,560
Ngichaza izizathu zakhe.

205
00:12:33,160 --> 00:12:34,640
Yebo, kodwa,

206
00:12:35,280 --> 00:12:36,840
angazi yini enye engingayenza.

207
00:12:40,800 --> 00:12:43,320
Umcimbi ubumuhle, uyezwa. Ngiyabonga.

208
00:12:44,400 --> 00:12:46,318
Yizinkinga zababa nezingane zakithi...

209
00:12:46,319 --> 00:12:48,598
Uhlangene nezimbila zithutha.

210
00:12:48,599 --> 00:12:52,800
Ngicabanga ukuthi ufanelwe yizimendlela
ngawo wonke umsebenzi owenzile.

211
00:12:54,000 --> 00:12:55,000
Ngiyabonga, Zee.

212
00:12:57,360 --> 00:13:00,880
Mama, wena noBaba senizokwenza
ubhuti omncane manje?

213
00:13:03,040 --> 00:13:04,918
Awuthi ukulala kancane,
sthandwa sami, yezwa?

214
00:13:04,919 --> 00:13:07,400
Ngizokuvusa uma sesifika ekhaya.
Phumula kancane.

215
00:13:11,720 --> 00:13:12,838
SIYANAKWAMUKELA!

216
00:13:12,839 --> 00:13:16,199
UKUHLANGANA FUTHI
KWASENQABAKAZULU HIGH SCHOOL

217
00:13:22,440 --> 00:13:25,440
Heyi, Clement! Ndoda.

218
00:13:37,720 --> 00:13:40,519
Chomi awusemuhle. Ufana nami!

219
00:13:43,840 --> 00:13:46,838
- Hayibo, ingabe ngu...
- Lalela, ubungalindele.

220
00:13:46,839 --> 00:13:48,318
Hayi.

221
00:13:48,319 --> 00:13:50,078
- Usayiphethe.
- Unzima.

222
00:13:50,079 --> 00:13:51,278
- Hayi.
- Yebo.

223
00:13:51,279 --> 00:13:53,040
Kodwa iyadabukisa indaba yakhe bandla.

224
00:13:53,640 --> 00:13:56,198
Ngifisa engabe nje use usemazweni,
ushaya imidanso yakhe khona.

225
00:13:56,199 --> 00:13:58,918
- Yebo, bandla.
- Awu uyayibona impilo...

226
00:13:58,919 --> 00:14:01,838
izokugixabeza ngesigaxa segoda
phezu kwe-S-curl.

227
00:14:01,839 --> 00:14:05,278
Kodwa impilo ayisinikanga wena no-Andile.

228
00:14:05,279 --> 00:14:07,558
Phela bekumele nibe uRomeo
no-bani-bani bethu.

229
00:14:07,559 --> 00:14:10,758
- Ngaphandle kwezingane.
- Mmm. Kahle ke ngizokushaya.

230
00:14:10,759 --> 00:14:12,158
Mina?

231
00:14:12,159 --> 00:14:14,318
Mina impilo inginikeze umngani
omkhulu kunabo bonke.

232
00:14:14,319 --> 00:14:15,600
- Manje...
- Mmm?

233
00:14:16,280 --> 00:14:18,320
- Lalela, usasho njalo...
- Ooh.

234
00:14:18,840 --> 00:14:21,278
...ngicela sibakhombise ukuthi
kuguga othandayo.

235
00:14:21,279 --> 00:14:23,840
Niyayikhumbula lento ethi-
<i>"Make the circle bigger"?</i>

236
00:14:31,560 --> 00:14:33,238
- Sthandwa sami.
- Yebo.

237
00:14:33,239 --> 00:14:35,558
Ubani uClement? Abantu balokhu
bengibiza, ngoClement.

238
00:14:35,559 --> 00:14:39,118
Oh, sasifunda naye,
kodwa usewumalugaju manje.

239
00:14:39,119 --> 00:14:40,718
- Usewumalugaju?
- Yebo.

240
00:14:40,719 --> 00:14:41,718
Hawu?

241
00:14:41,719 --> 00:14:43,518
Khululeka sthandwa sami, awufani naye.

242
00:14:43,519 --> 00:14:45,998
- Usho ukuthini uma uthi ngikhululeke?
- Kahle, Lucky.

243
00:14:45,999 --> 00:14:48,678
- Asambe sobuka uZanele no-Andile--
- Yebo!

244
00:14:48,679 --> 00:14:50,120
Yebo, yebo, yebo.

245
00:14:50,680 --> 00:14:52,398
Yebo, yebo, yebo.

246
00:14:52,399 --> 00:14:55,638
Kulungile ke, bafethu.
Kulungile.

247
00:14:55,639 --> 00:14:57,638
Aniyimunce.

248
00:14:57,639 --> 00:15:01,920
Manje sekuwumzuzu
enikade niwulindele nonke.

249
00:15:02,760 --> 00:15:04,839
I-duet.

250
00:15:06,120 --> 00:15:09,918
EyaZanele no-Andile. Abaziwa ngo,

251
00:15:09,919 --> 00:15:11,200
Zandile!

252
00:15:12,440 --> 00:15:13,918
Kulungile, ishaye.

253
00:15:13,919 --> 00:15:16,240
Bukani lokhu.

254
00:15:17,640 --> 00:15:19,360
Yebo, yebo. Heyi, heyi, heyi.

255
00:15:19,880 --> 00:15:21,919
Yebo. Yebo.

256
00:15:23,000 --> 00:15:24,238
JESSICA - ISELULA

257
00:15:24,239 --> 00:15:25,558
{\an8}Nyathela, nyathela, nyathela, nyathela.

258
00:15:25,559 --> 00:15:27,720
{\an8}- Unkosikazi, kumele ngiyibambe.
- Kwahle!

259
00:15:32,600 --> 00:15:33,639
Hamba, hamba.

260
00:15:51,320 --> 00:15:52,440
Yebo, sthandwa sami.

261
00:15:55,480 --> 00:15:57,360
Hamba, Clement!

262
00:16:09,080 --> 00:16:12,718
Hayibo, lalelani bafethu, nginitshela
iqiniso, uyazi angikaze nakanye.

263
00:16:12,719 --> 00:16:16,000
Uyabona uma kuthiwa kukhulunywa
ngomuntu oqotho, kusuke kukhulunywa ngami.

264
00:16:16,520 --> 00:16:19,918
Futhi ngingenzani, ngoba ngihlezi
ngihamba nesithunzi sami?

265
00:16:19,919 --> 00:16:23,598
- Ngingakufebela kanjani, sthandwa sami?
- Hawu wena.

266
00:16:23,599 --> 00:16:27,558
Hayibo, waze wanenhlanhla bo, Clement.
Waze wanenhlanhla bo.

267
00:16:27,559 --> 00:16:30,798
Sisi wami, kanti ngichaza kangaki
ukuthi uClement angimazi. Mina nguLucky.

268
00:16:30,799 --> 00:16:32,560
Hawu, kanti mina ngitheni, mfethu?

269
00:16:33,080 --> 00:16:34,359
Ngithe unenhlanhla.

270
00:16:35,440 --> 00:16:39,398
Manini, sisalapho, Zanele.
Buya, buya, buya.

271
00:16:39,399 --> 00:16:42,238
Asidlaleni umdlalo manje. U-Truth or Dare.

272
00:16:42,239 --> 00:16:44,278
Oh, hhayike. Sesilapho?

273
00:16:44,279 --> 00:16:46,198
Iqiniso. Angilisabi iqiniso.

274
00:16:46,199 --> 00:16:49,198
- Uthi akalisabi iqiniso.
- Iza nazo!

275
00:16:49,199 --> 00:16:52,798
Kukhona yini okuseke kwenzeka
phakathi kwakho no-Andile.

276
00:16:52,799 --> 00:16:53,878
Washa!

277
00:16:53,879 --> 00:16:57,238
Niseke naqabulana, kanje, noma
nake natshafazana yini?

278
00:16:57,239 --> 00:16:59,558
- Nawu umbuzo.
- Uyababa, hayi uyababa.

279
00:16:59,559 --> 00:17:00,838
Inkukhu inqunywe umlomo.

280
00:17:00,839 --> 00:17:04,159
- Iqiniso! Iqiniso! Iqiniso!
- Iqiniso! Iqiniso! Iqiniso!

281
00:17:05,240 --> 00:17:06,318
Hawu, kancane kanje?

282
00:17:06,319 --> 00:17:08,918
Kuphela-ke into esake yenzeka phakathi
kwami no-Andile.

283
00:17:08,919 --> 00:17:09,998
Iminyaka engama-20.

284
00:17:09,999 --> 00:17:12,718
Lalela, mfana, ngikutshele.
Uyabona namhlanje

285
00:17:12,719 --> 00:17:15,438
lo ngeke ungamdlali ngenkotha.

286
00:17:15,439 --> 00:17:16,720
Hawu, hawu, hawu.

287
00:17:19,599 --> 00:17:22,998
- Mqabule!
- Dlala ngenkotha wena.

288
00:17:22,999 --> 00:17:24,638
- Qabulanani!
- Qabulanani!

289
00:17:24,639 --> 00:17:26,758
Hayi, bafethu yimani phela.

290
00:17:26,759 --> 00:17:29,958
Anizange nimbuze nje yena ukuthi
truth or dare. Futhi akudlali yena.

291
00:17:29,959 --> 00:17:31,038
- Hayi...
- Yini use-high school?

292
00:17:31,039 --> 00:17:33,278
Uyathanda... Wena vuma ukuthi
usaba ukumqabula.

293
00:17:33,279 --> 00:17:34,998
- Ngisabani?
- Uyamusaba.

294
00:17:34,999 --> 00:17:37,158
- Ngifuna ukubona niqabulana.
- Mqabule ke phela.

295
00:17:37,159 --> 00:17:39,838
Ngifuna ukuzwa kukhala tlwa. Qabulanani.

296
00:17:39,839 --> 00:17:41,438
Uyamusaba? Mqabule.

297
00:17:41,439 --> 00:17:47,758
- Qabulanani! Qabulanani! Qabulanani!
- Qabulanani! Qabulanani! Qabulanani!

298
00:17:47,759 --> 00:17:49,718
- Yebo!
- Yebo, ntombazane!

299
00:17:49,719 --> 00:17:53,038
- Mbambe. Mbambe, ntombazane.
- Yebo.

300
00:17:53,039 --> 00:17:54,960
Washa!

301
00:18:59,760 --> 00:19:00,760
{\an8}Yoh.

302
00:19:36,200 --> 00:19:39,558
{\an8}Hawe! Hhayi.

303
00:19:39,559 --> 00:19:40,640
{\an8}Hayi.

304
00:19:45,520 --> 00:19:46,600
{\an8}Yoh!

305
00:19:57,720 --> 00:19:58,880
Kulungile.

306
00:20:04,080 --> 00:20:05,760
- Sawubona.
- Sawubona.

307
00:20:06,600 --> 00:20:08,198
<i>Yindaba ufona ngefoni yomkakho?</i>

308
00:20:08,199 --> 00:20:09,918
Angithi izolo wena...

309
00:20:09,919 --> 00:20:12,000
Ufake ifoni yami ethoyilethe, ngesikhathi...

310
00:20:13,000 --> 00:20:15,240
<i>Bengithi angibheke ukuthi unjani.</i>

311
00:20:19,280 --> 00:20:22,638
Kukhona ucingo olungenayo yazi.
Kumele ngilubambe. Kulungile, yebo?

312
00:20:22,639 --> 00:20:24,160
Yebo, sho, uh...

313
00:20:30,680 --> 00:20:33,160
Andile!
Usuke wayibona ifoni yami?

314
00:20:53,880 --> 00:20:55,078
Lumi kanjani usuku lwami?

315
00:20:55,079 --> 00:20:57,558
Ngihlehlise umhlangano wakho
noMnu. Sishi, uzobe ukusasa ekuseni.

316
00:20:57,559 --> 00:20:59,598
Bese ngo-3:00, unomhlangano

317
00:20:59,599 --> 00:21:01,918
nezazi zezakhiwo ngephrojekthi
yokunweba isikhumulo sezindiza.

318
00:21:01,919 --> 00:21:03,198
- Yebo.
- Bese,

319
00:21:03,199 --> 00:21:05,840
i-Taco Tuesday no-Andile
nomndeni ngo-5:00.

320
00:21:06,440 --> 00:21:07,918
Khansela i-Taco Tuesday.

321
00:21:07,919 --> 00:21:11,118
Ini? Kodwa awuphuthelwa yi-Taco Tuesday.

322
00:21:11,119 --> 00:21:12,519
- Hamba wenake.
- Hawu...

323
00:21:13,960 --> 00:21:16,838
Nazoke.
Esa-anti Zanele, kuqala.

324
00:21:16,839 --> 00:21:18,958
- Bese kuba elakho.
- Kulungile.

325
00:21:18,959 --> 00:21:22,358
- Yoh, buka ukuthi wenzeni.
- Ngiyabonga.

326
00:21:22,359 --> 00:21:24,518
- Ngaze ngaziqhenya ngawe.
- Kubukeka kumnandi.

327
00:21:24,519 --> 00:21:27,278
- Vele kunjalo.
- Leyo eya-anti Zanele.

328
00:21:27,279 --> 00:21:29,358
- Uyawathanda ama-taco kafishi.
- Uqinisile.

329
00:21:29,359 --> 00:21:32,718
Hayike, angicabangi ukuthi u-anti
Zanele uzosijoyina namhlanje.

330
00:21:32,719 --> 00:21:34,398
Huh.

331
00:21:34,399 --> 00:21:35,998
Akufani ke naye ukuphuthelwa
ubusuku bama-taco.

332
00:21:35,999 --> 00:21:38,918
Ngiyazi. Kufuze ukuba ubambeke
emhlanganweni noma kokuthile.

333
00:21:38,919 --> 00:21:40,518
Ngiyabonga.

334
00:21:40,519 --> 00:21:42,438
Kodwa-ke ngingazama
ukumthinta futhi, angithi?

335
00:21:42,439 --> 00:21:45,560
Cha. Myeke, mshayise ngomoya,
sthandwa sami.

336
00:21:46,520 --> 00:21:47,600
Unesiqiniseko?

337
00:21:48,320 --> 00:21:49,480
Yebo, nginesiqiniseko. Uyazi,

338
00:21:50,520 --> 00:21:52,478
singazijabulela ngokwethu
ubusuku bama-taco.

339
00:21:52,479 --> 00:21:53,718
- Yebo!
- Yebo.

340
00:21:53,719 --> 00:21:54,918
Njengomndeni.

341
00:21:54,919 --> 00:21:56,600
- Yebo. Yebo!
- Kunjalo.

342
00:21:57,720 --> 00:21:58,998
- Baba.
- Hmm?

343
00:21:58,999 --> 00:22:01,160
- Wabukeka udumele pho?
- Yebo?

344
00:22:01,680 --> 00:22:02,878
- Mina?
- Yebo.

345
00:22:02,879 --> 00:22:04,118
- Ngidumele?
- Yebo.

346
00:22:04,119 --> 00:22:05,199
- Ngampela?
- Yebo.

347
00:22:07,200 --> 00:22:09,558
- Kubonakala kuwukudumala lokhu kuwena?
- Cha.

348
00:22:09,559 --> 00:22:11,839
Ngijabulela nje ukuba nani nonke.

349
00:22:12,920 --> 00:22:14,838
- Kulungile.
- Kulungile ke. Idlani.

350
00:22:14,839 --> 00:22:17,760
- Yebo.
- Ngicela ungidlulisele...

351
00:23:01,600 --> 00:23:02,600
Cha.

352
00:23:03,200 --> 00:23:05,718
Ngithe akukho sigaba
sesibili esikwenzeka size si--

353
00:23:05,719 --> 00:23:07,158
Hawe, awu Nkosi yami!

354
00:23:07,159 --> 00:23:08,638
- Ngiyaxolisa.
- U--

355
00:23:08,639 --> 00:23:11,600
Hawe ma. Ngiyaxolisa. Hawe, Nkosi yami.

356
00:23:12,400 --> 00:23:14,518
Hayi cha, kuyacaca ukuthi mhlampe umama

357
00:23:14,519 --> 00:23:18,240
ubona sengathi leli hembe umbala
walo awuhambi kahle.

358
00:23:19,080 --> 00:23:20,078
Eh-heh.

359
00:23:20,079 --> 00:23:23,880
Ngithe yekani umsebenzi size sikhokhelwe.

360
00:23:24,640 --> 00:23:27,038
Eyehembe lakho. Ngiyaxolisa futhi.

361
00:23:27,039 --> 00:23:28,998
- Ngu-R200 lona--
- Eh-heh!

362
00:23:28,999 --> 00:23:30,600
Uphikisa mina, uphikisa mina manje?

363
00:23:31,560 --> 00:23:32,920
Whoa.

364
00:23:35,240 --> 00:23:36,240
Yoh.

365
00:23:37,640 --> 00:23:39,398
Ngathi sizoqala ngalokhu kwesibili.

366
00:23:39,399 --> 00:23:41,158
- Vele--
- Oh, kulungile. Akakafiki.

367
00:23:41,159 --> 00:23:42,480
Ngiyakuzonda ukushiywa yisikhathi.

368
00:23:43,120 --> 00:23:44,600
Ninjani?

369
00:23:47,040 --> 00:23:49,280
Nizongixolela ukuthi ngifike...

370
00:23:49,960 --> 00:23:50,960
emva kwesikhathi.

371
00:23:51,600 --> 00:23:54,878
Ngibe nesigamekwana nje emnyango.

372
00:23:54,879 --> 00:23:57,838
Kulungile ke.
Bakithi, ngicela namukele uMnu. Sishi.

373
00:23:57,839 --> 00:24:00,800
Umnikazi we-Sbu's Lifestyle Village
edume umhlaba wonke.

374
00:24:01,440 --> 00:24:03,080
Awu yebo. Manene, manenekazi.

375
00:24:04,440 --> 00:24:05,480
- Nkosazana.
- Yebo.

376
00:24:10,040 --> 00:24:11,760
- Kulungile ke. [ngesiZulu] Sengingaqala?
- Yebo.

377
00:24:15,400 --> 00:24:17,720
Hayi, sibongile mama. Kodwa ke...

378
00:24:19,320 --> 00:24:21,040
Ngicabanga ukuthi ungenza
kangcono kunalokhu.

379
00:24:21,560 --> 00:24:24,600
Oh... Ngingakuthengela elisha.

380
00:24:26,920 --> 00:24:28,438
Ngicabanga ukuthi ukukukhipha kungangcono.

381
00:24:28,439 --> 00:24:32,078
Ngiyaxolisa, angiwuhlanganisi
umsebenzi nempilo yami yangasese.

382
00:24:32,079 --> 00:24:33,840
Ungayigcina imali kodwa.

383
00:24:34,960 --> 00:24:38,158
Usuyohamba kahle-ke,
Mnu. Sishi.

384
00:24:38,159 --> 00:24:39,440
Usale kahle, Mama.

385
00:24:44,640 --> 00:24:46,318
Niyabona-ke.

386
00:24:46,319 --> 00:24:48,398
La nje usuthi awachithwe amanzi...

387
00:24:48,399 --> 00:24:51,480
...impilo ithi, "Bamba.
Nali ithambo."

388
00:24:52,080 --> 00:24:55,638
Kanti usisi unjani? Akaboni ukuthi,
chomie nayi indoda?

389
00:24:55,639 --> 00:24:57,758
Chomie, nayi indoda. Yindaba ungangeni?

390
00:24:57,759 --> 00:25:00,320
Eish, kodwa wena. Uyasidlisa.

391
00:25:10,720 --> 00:25:12,360
- Sawubona.
- Sawubona.

392
00:25:12,880 --> 00:25:13,880
Bekunjani emsebenzini?

393
00:25:14,480 --> 00:25:17,358
Ngiyabonga sthandwa sami. Ngicela ubeke
etafuleni. Bekufana nje njengansuku zonke.

394
00:25:17,359 --> 00:25:18,440
Mmm.

395
00:25:20,320 --> 00:25:22,920
Ingabe uZanele usazoziyisa izingane
esitolo sezincwadi namhlanje?

396
00:25:25,840 --> 00:25:27,000
Cha, eqinisweni, um...

397
00:25:28,080 --> 00:25:29,080
Ngeke akwazi.

398
00:25:32,520 --> 00:25:33,520
Andile.

399
00:25:34,960 --> 00:25:36,798
- Kwenzakaleni?
- Kwenzakaleni ngani?

400
00:25:36,799 --> 00:25:38,358
NoZanele?

401
00:25:38,359 --> 00:25:41,120
- Jess, ukhuluma ngani?
- Ngisho...

402
00:25:41,680 --> 00:25:43,240
Phela uvele wanyamalala nje,

403
00:25:43,760 --> 00:25:45,680
emva kobusuku bokuhlangana
kwenu kwesikole.

404
00:25:46,200 --> 00:25:48,720
Ubehlezi elayikhaya kodwa angikamboni
kusukela lapho.

405
00:25:49,240 --> 00:25:53,480
Uhlezi ematasa uma ngimfonela.
Akayiphenduli imiqhafazo yami,

406
00:25:54,760 --> 00:25:56,038
futhi wena uhlukile kulezi nsuku.

407
00:25:56,039 --> 00:25:58,880
Ngi... Uma uthi "ngihlukile,"
uthi ngihluke kanjani?

408
00:26:00,760 --> 00:26:01,760
Uhambela kude.

409
00:26:04,240 --> 00:26:06,640
Awusangibheki.
Futhi asikaze silwenze nocansi.

410
00:26:08,240 --> 00:26:11,280
Lokho akuhlangene nokuhlangana.

411
00:26:11,960 --> 00:26:13,998
Bheka, umsebenzi ungibangela incindezi.

412
00:26:13,999 --> 00:26:17,760
Andile, angiyona ingane futhi
angeke ngenziwe isilima kwami.

413
00:26:19,040 --> 00:26:20,560
Kwenzakalani ngampela?

414
00:26:22,200 --> 00:26:23,720
Kwenzakalani ngalobuya busuku?

415
00:26:31,040 --> 00:26:33,118
Lutho. Akukho okwenzeka.

416
00:26:33,119 --> 00:26:35,358
Saphuma kwabakumnandi,
ubumnandi obungenazinkinga.

417
00:26:35,359 --> 00:26:37,080
Kwakuneziphuzo eziningi, yilokho kuphela.

418
00:26:38,800 --> 00:26:40,918
- Kodwa uZanele--
- Kodwa uZanele uthathe enye iphrojekthi.

419
00:26:40,919 --> 00:26:42,278
Iphrojekthi eyingcindezi.

420
00:26:42,279 --> 00:26:44,520
Usebenzela ngaphandle
kwala isikhathi esiningi.

421
00:26:46,000 --> 00:26:47,920
Futhi nalento kababa.

422
00:26:48,520 --> 00:26:50,520
Uthe ngiyinto engenamsebenzi
phambi kwawo wonke umuntu.

423
00:26:58,280 --> 00:27:00,160
Yilokho okukuphethe kabi?

424
00:27:01,000 --> 00:27:03,838
Ukuthi angazi ukuthi yindaba engaziboni
zonke izinto ezinhle eziphambi kwakhe.

425
00:27:03,839 --> 00:27:05,720
Abazukulu bakhe. Wena.

426
00:27:07,760 --> 00:27:09,480
Ukuthi bekulokhu kungihlupha kakhulu.

427
00:27:14,640 --> 00:27:15,640
Heyi, uh...

428
00:27:17,480 --> 00:27:18,480
Heyi...

429
00:27:19,000 --> 00:27:21,600
Heyi, heyi, heyi. Ngi, um...

430
00:27:25,000 --> 00:27:26,080
Sonke lesi sikhathi, ngi...

431
00:27:26,880 --> 00:27:28,800
Bengicabanga okubi, futhi...

432
00:27:33,880 --> 00:27:35,360
Uyakhumbula ukuthi wangitshelani?

433
00:27:36,800 --> 00:27:38,800
Esakusho ngenkathi sishada?

434
00:27:39,640 --> 00:27:40,640
Yebo?

435
00:27:41,160 --> 00:27:42,720
Ngathi yimina nawe kuphela.

436
00:27:44,640 --> 00:27:46,040
Mina nawe kuphela.

437
00:27:46,960 --> 00:27:49,400
Siyazi ukuthi unani futhi
yilokho okubalulekile.

438
00:27:51,760 --> 00:27:53,200
- Angithi?
- Yebo.

439
00:27:55,960 --> 00:27:59,320
Manje, ngiyazi savumelana

440
00:28:00,360 --> 00:28:02,598
ukuthi istolo esidayisa izingane sivaliwe.

441
00:28:02,599 --> 00:28:03,680
Kodwa, um...

442
00:28:05,240 --> 00:28:07,518
- Kodwa, um...
- Kodwa, um...

443
00:28:07,519 --> 00:28:09,680
Kodwa kunganjani si...

444
00:28:12,920 --> 00:28:15,518
- sisisebenzise yize kunjalo.
- Uh, ngiyabona.

445
00:28:15,519 --> 00:28:16,960
- Mm-hmm?
- Mm-hmm.

446
00:28:18,480 --> 00:28:19,480
Mm-hmm.

447
00:28:20,560 --> 00:28:21,560
Kulungile.

448
00:28:22,680 --> 00:28:23,680
Kulungile.

449
00:28:33,880 --> 00:28:36,759
- Abantwana.
- Oh, eish. Kulungile.

450
00:29:03,240 --> 00:29:04,240
Heyi.

451
00:29:04,960 --> 00:29:05,960
Heyi.

452
00:29:10,120 --> 00:29:11,120
Ngiyakuthanda.

453
00:29:14,320 --> 00:29:15,320
Ngiyakuthanda.

454
00:29:25,360 --> 00:29:29,960
ISAHLUKO 2
ABANGANI ABAKHULU?

455
00:29:36,280 --> 00:29:37,280
Cha.

456
00:29:38,880 --> 00:29:39,880
Ew.

457
00:29:47,960 --> 00:29:49,440
{\an8}Sawubona.

458
00:29:52,360 --> 00:29:53,358
{\an8}Mmm.

459
00:29:53,359 --> 00:29:54,478
{\an8}OSOMABHIZINISI OZIMISELE

460
00:29:54,479 --> 00:29:57,318
{\an8}ANGIZAMI UKUBA NEZINGANE NGAKHO
KE UNGANGIKHOHLWA KULOKHO.

461
00:29:57,319 --> 00:29:58,920
{\an8}Akazifuni izingane.

462
00:30:00,200 --> 00:30:01,280
{\an8}Ibhansela.

463
00:30:09,840 --> 00:30:11,000
{\an8}Hlala usemsebenzini.

464
00:30:15,880 --> 00:30:18,440
Kodwa ke,
injani impilo yokudayisa?

465
00:30:19,360 --> 00:30:22,800
Heyi, bhuti, ake sithi nje ingcono
kakhulu kuneyakho.

466
00:30:24,160 --> 00:30:25,720
- Ngiyabonga.
- Uhlekisa ngami.

467
00:30:26,400 --> 00:30:30,318
Ngiyabonga. Oh, ngiyabonga.

468
00:30:30,319 --> 00:30:32,360
- Eish, ntwana.
- Yebo, ntwana.

469
00:30:33,200 --> 00:30:35,158
Hayi, cha, ngimoshe ngampela kulokhu.

470
00:30:35,159 --> 00:30:39,438
Kodwa ke wena ubulindeleni? Phela
sikhuluma ngoZanele la, bhuti.

471
00:30:39,439 --> 00:30:42,558
Asikhulumi ngoZanele, sikhuluma
ngomngani wami omkhulu.

472
00:30:42,559 --> 00:30:43,998
Umngani omkhulu?

473
00:30:43,999 --> 00:30:46,680
Uyazi ukuthi yindaba
ikati lingazwani negundane?

474
00:30:47,200 --> 00:30:49,840
Yingoba ikati libuye likhumbule
ukuthi igundane liyadliwa.

475
00:30:51,840 --> 00:30:55,520
Manje awukwazi ukuthi ube nomngani
omkhulu oyintombazane. Kade ngikutshela.

476
00:30:56,640 --> 00:30:59,678
Uyazi, bhuti, ngikhumbula uqala
ukufika noZanele ekhaya.

477
00:30:59,679 --> 00:31:01,438
Ukuthi abazali bethu babejabule kanjani.

478
00:31:01,439 --> 00:31:03,438
Wonke umuntu wayebona
nje ukuthi nina nobabili

479
00:31:03,439 --> 00:31:05,840
niyafanelana. Nidalelwene.

480
00:31:06,400 --> 00:31:08,238
Angisaphathi ke yena uSibalukhulu.
Nkosi yami.

481
00:31:08,239 --> 00:31:12,120
Indlela ayemthanda ngayo aze ambize
ngoMakoti, njengoba esambiza ngomakoti.

482
00:31:12,840 --> 00:31:14,558
- Uyazi ukwenzelani lokho?
- Yebo?

483
00:31:14,559 --> 00:31:17,438
- Usuke efuna ukuvukuza mina nje. Kuphela.
- Hayi ayikho leyonto, bhuti.

484
00:31:17,439 --> 00:31:18,958
Ungangizwa kabi, bhuti.

485
00:31:18,959 --> 00:31:22,000
UJessica siyamthanda,
ungumakoti wethu, kodwa... eish.

486
00:31:23,040 --> 00:31:27,158
Nawe uyabona nje ukuthi akangeni ncam,
koSibalukhulu. Uyabona?

487
00:31:27,159 --> 00:31:29,238
Imake, bhuti ungitshela ukuthi
awukaze nje wena wacabanga ukuthi...

488
00:31:29,239 --> 00:31:31,918
kunganjani uma kungase kuthiwe
uZanele umakoti wethu?

489
00:31:31,919 --> 00:31:34,678
Usumbona nje ekhwishiza la
egcekeni lo Sibalukhulu...

490
00:31:34,679 --> 00:31:37,158
Heh? Awukaze wayicabanga leyonto?
Khuluma iqiniso.

491
00:31:37,159 --> 00:31:39,960
Igama lomfazi wami uJessica.

492
00:31:40,760 --> 00:31:44,398
Into engiyishoyo la bhuti ukuthi, mhlampe
kuzomele samkele iqiniso lokuthi

493
00:31:44,399 --> 00:31:46,680
wena ushade nomuntu ongafanele.

494
00:31:52,240 --> 00:31:54,280
Uyambonake lo mfana omncane lo?

495
00:31:54,800 --> 00:31:56,880
Kuthiwa igama lakhe u...

496
00:31:57,640 --> 00:32:00,000
Danny. Uyakwazi ukufunda?

497
00:32:02,200 --> 00:32:03,798
Mmm?

498
00:32:03,799 --> 00:32:05,960
Ohho.

499
00:32:07,120 --> 00:32:08,400
Chelsea. Sky.

500
00:32:09,960 --> 00:32:11,040
Anti Zanele.

501
00:32:11,840 --> 00:32:13,240
Sanibonani. Hawu, Nkosi yami.

502
00:32:14,840 --> 00:32:15,960
- Izingane zami.
- Anti Zanele.

503
00:32:16,640 --> 00:32:19,160
Awu, benginikhumbule
kangakanani.

504
00:32:20,080 --> 00:32:22,120
Sawubona, asisakwazi.

505
00:32:22,760 --> 00:32:24,560
Ngike ngacabanga ukuthi sizokuthola la.

506
00:32:25,320 --> 00:32:27,998
Sikwenzele
ama-fish tacos, kodwa--

507
00:32:27,999 --> 00:32:29,078
Ncese, Sky.

508
00:32:29,079 --> 00:32:32,198
IsiNgisi sami siyaphela uma
ngikhuluma nani, niyakhumbula?

509
00:32:32,199 --> 00:32:34,600
- Sikwenzele--
- ...ama-fish tacos.

510
00:32:35,120 --> 00:32:37,838
Ngempela? Hawe ma Nkosi yami ngaze
ngazisola ke manje.

511
00:32:37,839 --> 00:32:40,198
Niyazi ukuthi ngiwathanda kangakanani
ama-fish tacos.

512
00:32:40,199 --> 00:32:42,798
- Sizowenza futhi ngoLwesibili ozayo.
- Awu.

513
00:32:42,799 --> 00:32:44,080
Kulungile, bhekani, mantombazane.

514
00:32:44,760 --> 00:32:48,480
Umalume uZweli laphaya ekhoneni,
ufunda indaba yezingane.

515
00:32:49,040 --> 00:32:51,120
- Anifuni ukuyoyilalela?
- Kulungile.

516
00:32:51,760 --> 00:32:53,960
- Bhabhayini, zithandwa zami.
- Bhabhayi.

517
00:32:55,640 --> 00:32:57,920
Eh, yazi igenge
izokuphoxa ngampela.

518
00:32:59,280 --> 00:33:01,920
ULwesibili owodwa, nje kuphela,
bengamboni u-Anti Zanele...

519
00:33:02,520 --> 00:33:04,960
Manje abasasazi isiZulu labantu.
Bakhuluma isiFanakalo.

520
00:33:08,120 --> 00:33:10,600
Hayike nawe phela kufanele
ubafundise isiZulu.

521
00:33:11,960 --> 00:33:14,238
- Kodwa ngeke bengilalele ke mina.
- Yebo.

522
00:33:14,239 --> 00:33:15,878
Ngoba uyabatotosa.

523
00:33:15,879 --> 00:33:18,480
Njengabo bonke obaba namadodakazi abo.

524
00:33:19,520 --> 00:33:22,080
Ukuthi, amantombazane...

525
00:33:23,120 --> 00:33:24,680
kumele uwaphathise okwamaqanda.

526
00:33:27,760 --> 00:33:29,920
Bheka, mfethu, ngiqaphelile ukuthi

527
00:33:30,440 --> 00:33:33,000
uyangibalekela kusukela
ngosuku lokuhlangana.

528
00:33:34,200 --> 00:33:35,798
Futhi lento eyenzeka phakathi kwethu.

529
00:33:35,799 --> 00:33:39,598
Andile, asivele sikhohlwe

530
00:33:39,599 --> 00:33:42,400
ngayo yonke into eyenzeka phakathi
kwami nawe ngaloluya suku.

531
00:33:48,720 --> 00:33:49,720
Kulungile.

532
00:33:52,880 --> 00:33:57,240
Ngisho ukuthi, yindaba singavele sikhohlwe
yiyo yonke lento, sibuyele sibe abangani?

533
00:33:58,240 --> 00:34:00,278
- Uyabo...
- Mfethu.

534
00:34:00,279 --> 00:34:02,038
- Injalo.
- Hawu mfethu.

535
00:34:02,039 --> 00:34:04,678
Hawu mngani wami, kodwa yoh, into
ebengikukhumbula yona.

536
00:34:04,679 --> 00:34:06,559
Kodwa hayi ngendlela
ebengikukhumbule ngayo.

537
00:34:08,600 --> 00:34:09,598
Ziyakhala.

538
00:34:09,599 --> 00:34:12,560
Babuyela ekubeni "abangani abakhulu".
Welele.

539
00:34:13,080 --> 00:34:14,719
Inganekwane.

540
00:34:15,840 --> 00:34:16,800
Bengikukhumbule.

541
00:34:17,560 --> 00:34:19,239
Kunye, kubili, kuthathu...

542
00:34:21,920 --> 00:34:25,078
- Hawe ma. Sawubona, sthandwa sami.
- Sawubona.

543
00:34:25,079 --> 00:34:26,318
- Unjani?
- Ngiyaphila.

544
00:34:26,319 --> 00:34:28,157
- Kuhambe kanjani?
- Kuhambe kahle kakhulu.

545
00:34:28,158 --> 00:34:30,998
Kodwa ngicabanga
ukuthi sizodinga esinye isitulo.

546
00:34:30,999 --> 00:34:32,398
Awu, esabani?

547
00:34:32,399 --> 00:34:33,918
- Nangu.
- Sawubona, Jess.

548
00:34:33,919 --> 00:34:36,838
Zanele. Sawubona, unjani?

549
00:34:36,839 --> 00:34:39,478
- Ngiyaphila, unjani wena?
- Yebo, ngikhona.

550
00:34:39,479 --> 00:34:42,157
Uyazi umzuzwane ngike ngacabanga
ukuthi ubususilahlile.

551
00:34:42,158 --> 00:34:43,838
Ubani abalahlanayo?

552
00:34:43,839 --> 00:34:46,237
- Cha, cha, cha. Ngiyadlala. Bekuyihlaya.
- Oh.

553
00:34:46,238 --> 00:34:48,758
Ngiyazi ukuthi angiwenzi
amahlaya kodwa-ke.

554
00:34:48,759 --> 00:34:50,717
- Hayike, hlala phansi. Ngikuphathele i...
- Kulungile.

555
00:34:50,718 --> 00:34:53,438
...puleti elinye, Chelsea laphaya.
Sky, wena ula.

556
00:34:53,439 --> 00:34:55,159
- Nazoke.
- Ngiyabonga.

557
00:34:56,040 --> 00:34:57,040
Kulungile ke.

558
00:34:58,000 --> 00:35:00,520
Kwaze kwayisimangaliso esihle.

559
00:35:01,040 --> 00:35:04,240
Um, Zee, ngicabanga ukuthi kufanele
usithandazele.

560
00:35:04,920 --> 00:35:07,080
Bekungabuye kuthiweni.

561
00:35:07,600 --> 00:35:09,600
- Kulungile ke. Izandla.
- Kulungile.

562
00:35:10,280 --> 00:35:12,238
- Chelsea!
- Valani amehlo.

563
00:35:12,239 --> 00:35:14,359
Kulungile.

564
00:35:19,440 --> 00:35:20,758
Um.

565
00:35:20,759 --> 00:35:24,518
Nkulunkulu somandla, siyabonga
ngalokhu ukudla okuphambi kwethu.

566
00:35:24,519 --> 00:35:26,840
Sibonge nomndeni wakwaDlamini.

567
00:35:27,520 --> 00:35:30,240
Ngicela ube nabo, behlezi bebumbene.

568
00:35:30,840 --> 00:35:32,478
Bathandane njalo.

569
00:35:32,479 --> 00:35:34,558
Manje kuze kube phakade, Amen.

570
00:35:34,559 --> 00:35:35,878
Amen.

571
00:35:35,879 --> 00:35:38,720
Kunini ngijahe ukudla usuku lonke.

572
00:35:39,280 --> 00:35:40,838
Hayike, idla, idlani.

573
00:35:40,839 --> 00:35:43,318
- Ngathi izinsuku zakudala, akunjalo?
- Kwaze kwamnandi.

574
00:35:43,319 --> 00:35:45,758
Yebo. Ngicela isaladi?

575
00:35:45,759 --> 00:35:46,878
Kulungile.

576
00:35:46,879 --> 00:35:48,878
- Leli eliluhlaza.
- Nazoke, Sky.

577
00:35:48,879 --> 00:35:52,358
Angikholwa ukuthi ngivumele lemicabango
ebhedayo ukuthi ingene khanda lami futhi.

578
00:35:52,359 --> 00:35:54,638
Emva kwaso sonke lesi sikhathi,
kodwa...

579
00:35:54,639 --> 00:35:56,838
...ubehlukile emva kokuhlangana.

580
00:35:56,839 --> 00:35:59,239
Wena wanyamala, ngase ngacabanga ukuthi...

581
00:36:00,480 --> 00:36:03,558
Ngiyazi ukuthi ngadlula
kulokhu eminyakeni edlule.

582
00:36:03,559 --> 00:36:06,078
Futhi ngiyazi ukuthi
usifisela konke okuhle.

583
00:36:06,079 --> 00:36:07,840
- Mmm.
- Nalo mndeni.

584
00:36:08,480 --> 00:36:09,480
Ngakho ke,

585
00:36:10,160 --> 00:36:12,478
ngiyabonga ngokubekezelela
umbhedo wami wokungazithembi.

586
00:36:12,479 --> 00:36:13,400
Kulungile.

587
00:36:15,440 --> 00:36:18,398
Uyazi, ngisanda kukhumbula
ukuthi ngiyakhishwa namhlanje.

588
00:36:18,399 --> 00:36:20,118
Ngiyaxolisa ukukushiya kanje.

589
00:36:20,119 --> 00:36:21,238
- Uyakhishwa?
- Yebo.

590
00:36:21,239 --> 00:36:23,360
Oh. Cha, khululeka.

591
00:36:23,960 --> 00:36:25,600
Ngikufisela okuhle.

592
00:36:26,200 --> 00:36:27,198
Ngiyabonga.

593
00:36:27,199 --> 00:36:29,880
Ngiyafisa ngampela
ukuthi uzitholele indoda.

594
00:36:30,440 --> 00:36:34,240
Akukuhle ukubona intombi enhle njengawe
ingashadile isikhathi eside kangaka.

595
00:36:34,840 --> 00:36:39,080
Mm-hmm. Yebo, Ngizokubona, Mama J.

596
00:36:54,600 --> 00:36:57,240
- Kulungile. Nazi ezokugcina.
- Oh.

597
00:36:59,160 --> 00:37:00,160
Ngiyabonga.

598
00:37:01,920 --> 00:37:03,198
Kwanzakaleni kuZanele?

599
00:37:03,199 --> 00:37:07,560
Oh, um, uthe bayamkhipha.

600
00:37:08,600 --> 00:37:12,240
Ngimfisela inhlanhla ngampela. Uyazi
sengiqala ngisho ukumdabukela.

601
00:37:12,760 --> 00:37:15,158
- Yebo. Nami ngimfisela inhlanhla.
- Hmm.

602
00:37:15,159 --> 00:37:17,520
Ngicela uzongisiza ngezitsha bandla.

603
00:37:29,520 --> 00:37:31,958
- Um, ngicela ungigadela itafula lesine.
- Yebo.

604
00:37:31,959 --> 00:37:32,920
Oh.

605
00:37:37,320 --> 00:37:38,960
Awu, nkosazane.

606
00:37:40,920 --> 00:37:43,240
Ngiyabona ukuthi lo
okukhiphile ukubambise udonga.

607
00:37:44,400 --> 00:37:46,158
Manje wena wabona
ukuthi uvele ungilandele ke?

608
00:37:46,159 --> 00:37:48,198
Hayi nami ngingasho lokho phela.

609
00:37:48,199 --> 00:37:49,440
Kodwa ke...

610
00:37:52,880 --> 00:37:54,359
Oh, indawo yakho le.

611
00:37:58,240 --> 00:38:00,200
Mhlampe kufuneka uwayeke
lama-app okuthola uthando.

612
00:38:00,920 --> 00:38:03,360
Mase unika mina ithuba lokuthi
ngikukhiphe, mama.

613
00:38:03,960 --> 00:38:05,718
Wazi nganike wena ukuthi
ngiku-app yokuthola uthando?

614
00:38:05,719 --> 00:38:08,440
Ngibone iphrofayili yakho
ngaswayipha ngakwesokudla.

615
00:38:09,640 --> 00:38:11,038
Yoh.

616
00:38:11,039 --> 00:38:13,438
Sengilinde isikhathi esingaka
ukuthi ngithole umuntu

617
00:38:13,439 --> 00:38:18,080
engaziyo ukuthi, cha, uhambisana nayo
yonke into engiyifunayo.

618
00:38:19,480 --> 00:38:22,600
Mhlampe, MaCebekhulu kufanele
unginikeze ithuba lokuthi

619
00:38:23,960 --> 00:38:26,600
ngikutshengise lento
engikhuluma ngayo uyabona?

620
00:38:28,920 --> 00:38:30,440
Ngiyathembisa ukuthi ngeke ngikuphoxe.

621
00:38:30,960 --> 00:38:32,438
Uma ungiphoxa,

622
00:38:32,439 --> 00:38:34,440
uzongikhokhela ngokungimoshela
isikhathi sami.

623
00:38:35,120 --> 00:38:37,840
Oh. Hhayi ukukhokha angiboni ukuthi
kungaba into eyinkinga.

624
00:38:38,400 --> 00:38:40,638
- Uh, whoa...
- Ngizokukhokhela ngaphambi kwesikhathi.

625
00:38:40,639 --> 00:38:42,838
Beka imali yakho bo.

626
00:38:42,839 --> 00:38:43,760
Yoh.

627
00:38:44,560 --> 00:38:45,800
Kulungile.

628
00:38:46,680 --> 00:38:49,238
Uma ngabe unganelisekanga
ngokuzikhipha kwethu...

629
00:38:49,239 --> 00:38:52,758
...ngifuna zonke izinkontileka
zakho zokwakha iminyaka eyisihlanu ezayo.

630
00:38:52,759 --> 00:38:53,840
Siyavumelana?

631
00:38:55,560 --> 00:38:58,438
Ngivele ngabona ukuthi
unomlomo omanzi. Ngicela ungiphe enye.

632
00:38:58,439 --> 00:38:59,520
Eish.

633
00:39:00,640 --> 00:39:01,680
Siyavumelana.

634
00:39:02,240 --> 00:39:04,638
- Ima ke, ini?
- Uma kuwukuthi uyaphoxeka,

635
00:39:04,639 --> 00:39:08,240
uzothola zonke izinkontileka zami
zokwakha iminyaka eyisihlanu ezayo.

636
00:39:16,760 --> 00:39:18,758
Ngizothumela imoto ezokulanda, mama.

637
00:39:18,759 --> 00:39:21,118
Khululeka izimoto nginazo, zingangotshani.

638
00:39:21,119 --> 00:39:23,278
Hayi, mhlambe awuthi ukuziphumuza
ezakho izimoto.

639
00:39:23,279 --> 00:39:25,360
Ungivumele nami ngikuchaze kancane.

640
00:39:25,880 --> 00:39:28,120
Ikusasa lebhizinisi
lami lincike kukona.

641
00:39:29,400 --> 00:39:30,758
Hayike kulungile, mama.

642
00:39:30,759 --> 00:39:32,560
Eh bhuti, ngizokhokha.

643
00:39:33,960 --> 00:39:35,640
- Uthokozele, mama.
- Yebo.

644
00:39:38,200 --> 00:39:40,640
Mmm...

645
00:40:02,120 --> 00:40:04,118
Hhayibo? Bhuti, ngingakusiza?

646
00:40:04,119 --> 00:40:05,438
Ngizolanda wena, nkosazane.

647
00:40:05,439 --> 00:40:08,158
Uzolanda mina? Hayi angiyicelanga
mina itekisi.

648
00:40:08,159 --> 00:40:10,318
Yebo, uSbu ungicele ukuthi
angizokulanda. Asambe.

649
00:40:10,319 --> 00:40:12,920
Noma ke kuzongiphoqa
ukuthi ngiqale nawe elenki.

650
00:40:14,160 --> 00:40:15,280
USbu?

651
00:40:48,920 --> 00:40:50,560
Bhuti, kanti siyaphi vele?

652
00:40:52,400 --> 00:40:54,840
{\an8}ANDILE - MTHUMELE INDAWO
OKUYO NGQO - IHORA ELI-1

653
00:41:05,400 --> 00:41:07,398
Heyi, ngiphethe ezibandayo la, bafo.

654
00:41:07,399 --> 00:41:10,080
Mfana, uyabona nahlanje elamanqamu, bafo.

655
00:41:10,640 --> 00:41:13,478
Ngifisa ukwazi ukuthi wena ubhejela
ziphi ke izinkomo namhlanje.

656
00:41:13,479 --> 00:41:15,638
Hawu kuyacaca.
Mfethu uMotaung wagcina nini ukuwina?

657
00:41:15,639 --> 00:41:17,838
Mfethu, into engifuna ukuyazi
mina ukuthi uphi uZanele?

658
00:41:17,839 --> 00:41:20,240
Ngoba phela sithembe uZanele uma kunje.

659
00:41:24,320 --> 00:41:25,320
UZanele?

660
00:41:25,960 --> 00:41:26,960
UZanele.

661
00:41:28,480 --> 00:41:29,880
Hayi mfethu, useyajola loyo.

662
00:41:30,560 --> 00:41:32,438
- Uyajola?
- Mmm.

663
00:41:32,439 --> 00:41:37,238
Hayi uNtombi usengitshelile ukuthi wena
onokuthi venene laphaya ungene.

664
00:41:37,239 --> 00:41:40,358
Akunasifuba lokhu, ukutshela
kanjani lento eyimfihlo kanje?

665
00:41:40,359 --> 00:41:43,158
Akunasifuba kanjani? Ngingubhuti wakhe
nje yini into azongifihlela yona?

666
00:41:43,159 --> 00:41:44,958
Thela iyasha lenyama mfethu.

667
00:41:44,959 --> 00:41:47,920
Kahle mfethu yini kanti ngawe
ufuna sixoshwe layikhaya?

668
00:41:54,920 --> 00:41:57,558
- Bizo. Uhambe kahle nomama?
- Shap shap. Hayi kamnandi kabi.

669
00:41:57,559 --> 00:41:58,640
- Eh-heh.
- Shap.

670
00:41:59,920 --> 00:42:01,040
Hawu.

671
00:42:01,880 --> 00:42:03,400
Yini sengathi awuthokozanga nje?

672
00:42:04,600 --> 00:42:07,120
Awuzange ukhumbule lutho nje
ngokuhamba ngetekisi?

673
00:42:07,960 --> 00:42:10,318
Uhambe ngetekisi nihlale nibe bane?

674
00:42:10,319 --> 00:42:13,198
Nimpitshane, uhlale emuva ucabange
ngamaphupho amnandi.

675
00:42:13,199 --> 00:42:15,798
Ucabange ukuthi uzoyithenga nini imoto
yakho yokuqala.

676
00:42:15,799 --> 00:42:17,280
Umuzi wakho wokuqala.

677
00:42:18,200 --> 00:42:20,280
Maningi amaphupho aqale la etekisini.

678
00:42:22,040 --> 00:42:24,078
Kulungile, ungibambile ke lapho.

679
00:42:24,079 --> 00:42:25,560
Ubusufuna ukungidla.

680
00:42:27,080 --> 00:42:28,558
Hayi cha, uyazi...

681
00:42:28,559 --> 00:42:32,038
Ungenze ngacabanga ngezinsuku
zami ngingena lutho.

682
00:42:32,039 --> 00:42:32,998
Mmm.

683
00:42:32,999 --> 00:42:35,358
Yebo, ngacabanga nje ukuthi yazi,

684
00:42:35,359 --> 00:42:38,038
empilweni kufanele ubonge
yonke into onayo.

685
00:42:38,039 --> 00:42:39,758
Hayi kuhle ke.

686
00:42:39,759 --> 00:42:42,238
Hayi cha, ayikho inkinga.
Othi ngivalele umfowethu.

687
00:42:42,239 --> 00:42:43,998
Singene ngaphakathi.

688
00:42:43,999 --> 00:42:45,680
- Bizo. Ngiyabonga mfowethu.
- Shap mfowethu.

689
00:42:51,160 --> 00:42:52,720
Yikhona ke la engicashe khona la.

690
00:42:53,600 --> 00:42:54,520
Eh-heh.

691
00:42:57,760 --> 00:42:59,398
Ukuphathe kahle kodwa umfana?

692
00:42:59,399 --> 00:43:01,760
Yebo, akufani.

693
00:43:02,560 --> 00:43:05,920
Uma ngingase ngikutshele
umlando wazo zonke lezi zithombe,

694
00:43:06,480 --> 00:43:08,800
- lingashona ilanga impela.
- Mm-mmm.

695
00:43:09,360 --> 00:43:11,640
Angifuni ke mina ukuba
la uma sekushona ilanga.

696
00:43:12,640 --> 00:43:15,598
Uthini umlando walesi? Obani laba?

697
00:43:15,599 --> 00:43:17,880
Oh, yebo.

698
00:43:18,800 --> 00:43:21,038
Umndeni wami lo engikhule nawo
lapha eMbumbulu.

699
00:43:21,039 --> 00:43:22,158
eMbumbulu?

700
00:43:22,159 --> 00:43:24,678
Eh-heh. Yilapho engikhulele khona,

701
00:43:24,679 --> 00:43:27,998
into engilethe la
imfundo le ephezulu. Inyuvesi.

702
00:43:27,999 --> 00:43:30,118
Hawu. Uyazi nami ngiqhamuka eMbumbulu?

703
00:43:30,119 --> 00:43:33,998
Kahle kahle umndeni wami usakhona
kodwa angilitholi ithuba lokubabona njalo.

704
00:43:33,999 --> 00:43:35,278
Oh.

705
00:43:35,279 --> 00:43:37,560
Hayi mina ngiyabavakashela
njalo ngempelasonto.

706
00:43:38,120 --> 00:43:40,200
Ayikho into ebaluleke njengomndeni kimina.

707
00:43:41,960 --> 00:43:44,600
Yini unezingane khona?

708
00:43:46,120 --> 00:43:47,920
Izingane? Cha, anginazo izingane.

709
00:43:48,440 --> 00:43:52,680
Oh, ngoba nephrofayili yakho isho
njalo ukuthi awuzifuni izingane.

710
00:43:53,880 --> 00:43:55,840
Usugijime nakumaphrofayili, Mama?

711
00:43:56,720 --> 00:43:58,600
Kusho kona ukuthi awuzange
uswayiphele ngakwesokudla.

712
00:44:01,280 --> 00:44:02,520
Unomfazi khona?

713
00:44:04,400 --> 00:44:05,720
- Cha.
- Mm-hmm.

714
00:44:06,240 --> 00:44:07,720
- Cha, umfazi anginaye.
- Oh.

715
00:44:08,320 --> 00:44:10,640
Ngeke sazi phela,
izinsuku zokugcina manje.

716
00:44:11,800 --> 00:44:14,000
Hayi ungangibuza noma
yini mina, anginakinga.

717
00:44:15,400 --> 00:44:17,918
- Ongitshengise la, uGogo ke.
- Eh-heh.

718
00:44:17,919 --> 00:44:19,478
Nguwe lo osdudladudla?

719
00:44:19,479 --> 00:44:23,198
Into engifuna ukuyazi mina ukuthi umakoti
wangempela layikhaya simthola nini?

720
00:44:23,199 --> 00:44:24,800
Okwangempela.

721
00:44:26,000 --> 00:44:28,318
Ntombi, awukhulume nalemfene yangakini.

722
00:44:28,319 --> 00:44:31,198
Kanti uzwa kanjani? Ngiyakutshela
ukuthi ayihlekisi lento. Awukahle manje.

723
00:44:31,199 --> 00:44:34,638
Manje ulaka olwani uma kuwukuthi
uphikisana nalento esiyishoyo? Olwani?

724
00:44:34,639 --> 00:44:37,120
Angithi ufana nalo ongenasifuba.

725
00:44:38,000 --> 00:44:40,358
Hayi mina sengamkhuza kwaze
kwanela ubhuti, bandla.

726
00:44:40,359 --> 00:44:43,158
Bhuthi nje, enza lokhu ofuna ukukwenza
thina sizokweseka.

727
00:44:43,159 --> 00:44:45,718
- Sizokweseka thina--
- Yini manje?

728
00:44:45,719 --> 00:44:49,238
Uma ujabule, nathi sijabule. Kodwa uma
kuwukuthi ufuna ukushintsha umqondo...

729
00:44:49,239 --> 00:44:51,240
Hayi bafo, nathi sishintsha nawe.

730
00:44:52,000 --> 00:44:54,000
Hayi sengathi umuntu uwinile ke la.

731
00:44:59,480 --> 00:45:01,640
Hayi awubonakali njengomuntu
ophoxekile, Mama.

732
00:45:02,600 --> 00:45:03,720
- Hmm?
- Oh.

733
00:45:07,400 --> 00:45:08,840
Hayi ungaze usheshe ujabule,

734
00:45:09,640 --> 00:45:11,360
ilanga alikashoni.

735
00:45:12,440 --> 00:45:15,920
Kulungile. Hayi cha ngiyakuzwa.

736
00:47:22,840 --> 00:47:23,878
- Zanele.
- Mmm.

737
00:47:23,879 --> 00:47:26,960
Umnyango usanda kuthumelela i-imeyili
mayelana nalezo zimali ezingakhokhiwe.

738
00:47:27,760 --> 00:47:29,278
- Kulungile. Ngiphezi kwakho.
- Kulungile ke.

739
00:47:29,279 --> 00:47:30,560
Oh, ima, Slie.

740
00:47:31,200 --> 00:47:33,598
Ukhona usekuthintile ocingweni olukhulu?

741
00:47:33,599 --> 00:47:36,320
Mm-mm, uThandi ngabe ulidlulisile ucingo.

742
00:47:37,280 --> 00:47:39,158
Yebo, uqinisile.

743
00:47:39,159 --> 00:47:40,840
- Ngiyabonga.
- Kulungile.

744
00:47:58,800 --> 00:48:01,918
<i>UZanele Cebekhulu okhulumayo.
Ngikhuluma nobani?</i>

745
00:48:01,919 --> 00:48:04,878
Hawu, kusho kona ukuthi umuntu
uyakhohleka ke manje.

746
00:48:04,879 --> 00:48:07,719
<i>Bengitshela ukuthi angiyona le nhlobo
ekhohleka kalula.</i>

747
00:48:10,560 --> 00:48:15,480
Hayi suka. Nami ngihleli la angisakwazi
nokusebenza, ngilokhu ngicabangana nawe.

748
00:48:16,000 --> 00:48:18,160
<i>Hayi nami ngicabanga ngawe, mama.</i>

749
00:48:18,800 --> 00:48:20,438
Awuphumi ekhanda lami.

750
00:48:20,439 --> 00:48:23,958
Kanti futhi angifuni nokuthi uze uphume,
ngifuna uhlale unethezeke.

751
00:48:23,959 --> 00:48:25,718
Kube isekhaya lakho lapho.

752
00:48:25,719 --> 00:48:26,800
Ngempela?

753
00:48:32,440 --> 00:48:33,998
Manje uthi kuhamba kanjani?

754
00:48:33,999 --> 00:48:36,718
Hayi, kade sagcina ukukhuluma.
Usengizibe amaviki manje.

755
00:48:36,719 --> 00:48:38,998
Oh, shuthi umenza abe matasa.

756
00:48:38,999 --> 00:48:41,440
Ngicabanga ukuthi umsebenzi
omenza abe matasa.

757
00:48:42,200 --> 00:48:45,678
Hayike, akakaze eze nomuntu wesilisa
ngaphambilini, shuthi khona okukhona.

758
00:48:45,679 --> 00:48:47,118
- Angazi.
- Nazoke.

759
00:48:47,119 --> 00:48:50,038
Ikhona into enjalo?
Labantu abazani nokwazana.

760
00:48:50,039 --> 00:48:53,118
Sebejole inyanga nohhafu, cha?

761
00:48:53,119 --> 00:48:55,560
Ihaba. Sekube amaviki
amahlanu nje kuphela.

762
00:48:56,120 --> 00:48:57,400
Kuyafane nje.

763
00:48:57,920 --> 00:48:58,920
Angazi.

764
00:48:59,720 --> 00:49:02,480
Mina ngokwami ngicabanga ukuthi
kushesha kakhulu, uyazi?

765
00:49:03,160 --> 00:49:06,038
Kuzothiwani uma lo muntu
eyi-Tinder Swindler efuna imali yakhe.

766
00:49:06,039 --> 00:49:07,918
Awu Nkosi yami, Andile.

767
00:49:07,919 --> 00:49:09,440
- Heyi.
- Yini?

768
00:49:10,000 --> 00:49:13,120
Ungalehlekelwa yithemba,
ngiqinisekile ukuthi ulungile. UZanele...

769
00:49:13,920 --> 00:49:15,240
- uyakwazi ukukhetha.
- Mm-hmm?

770
00:49:15,880 --> 00:49:17,758
Oh, kufuze ukuthi yibona labo.

771
00:49:17,759 --> 00:49:20,320
- Othi ngithathe lokhu.
- Sizoyovula.

772
00:49:20,920 --> 00:49:22,640
Woza phela.

773
00:49:27,760 --> 00:49:31,918
Ngiyabonga, Sky. Hayi,
kumnandi, kumnandi ngampela.

774
00:49:31,919 --> 00:49:33,998
Angikaze-ke ngiyidle i-taco ngaphambili.

775
00:49:33,999 --> 00:49:35,280
Futhi bengithukile.

776
00:49:35,920 --> 00:49:37,838
Ubuthuswe ama-taco?

777
00:49:37,839 --> 00:49:41,078
Ngimtshelile yazi umalume
uSbu ukuthi ayikho into ethusayo lana.

778
00:49:41,079 --> 00:49:44,680
Mhlampe kumele ucabange
ngokufaka ama-taco kumenyu yakho.

779
00:49:45,200 --> 00:49:46,758
- Angadlisa ubhedu, akunjalo?
- Yebo.

780
00:49:46,759 --> 00:49:48,958
Oh, yebo, yebo.
Kodwa uma bezowenza njengoSky.

781
00:49:48,959 --> 00:49:51,080
Azohamba kakhulu.

782
00:49:53,320 --> 00:49:55,800
Mina angicabangi ukuthi ama-taco
ukudla kwasethaveni.

783
00:49:58,400 --> 00:50:02,160
Mmm. Angithi yilokho okwenzayo?
Unespoti la okuphuzelwa khona?

784
00:50:04,520 --> 00:50:06,120
Uh, i-lifestyle lounge.

785
00:50:07,560 --> 00:50:09,238
Konje yini oyenzayo wena ndoda?

786
00:50:09,239 --> 00:50:11,440
Kahle kahle ngokuvamile kusebenza kanje

787
00:50:11,960 --> 00:50:15,318
isihambi yisona esiphendula yonke imibuzo.

788
00:50:15,319 --> 00:50:17,318
Hayike, mantombazane.

789
00:50:17,319 --> 00:50:19,600
Sekuyisikhathi sokuyogeza. Asambeni.

790
00:50:20,200 --> 00:50:22,838
- Celani ukusuka etafuleni, nivalelise.
- Ubusuku obuhle.

791
00:50:22,839 --> 00:50:24,438
Ngiyabonga kakhulu, Sky.

792
00:50:24,439 --> 00:50:27,358
- Sijabulile ukukubona.
- Bekumnandi ukukwazi, Malume uSbu.

793
00:50:27,359 --> 00:50:29,198
Kwangcono ke.
Ngicela nizisize bandla.

794
00:50:29,199 --> 00:50:31,560
- Idlani. Idlani nijabule.
- Awu siyabonga, mama.

795
00:50:35,240 --> 00:50:39,080
Bengithi siyazixoxela nje nale ndoda kodwa
engathi isiyaphuma kulayini manje.

796
00:50:39,920 --> 00:50:43,118
Sthandwa sami,
u-Andile usebenza kahulumeni--

797
00:50:43,119 --> 00:50:45,640
Hayi Zanele, kanti ngiyakwazi ke
ukuziphendulela, khululeka.

798
00:50:46,160 --> 00:50:48,678
Oh, kumnandi ukusebenza
kahulumeni? Uyakuthanda?

799
00:50:48,679 --> 00:50:50,478
Yebo, kumnandi khona.

800
00:50:50,479 --> 00:50:52,200
Um, othi ngibheke.

801
00:50:52,880 --> 00:50:54,560
Angiqukuli amakesi usuku lonke.

802
00:50:55,080 --> 00:50:57,798
Angisuli noma ngishanele umhlanzo
nomphalazo wezidakwa.

803
00:50:57,799 --> 00:50:59,958
Hawu, Andile. Yoh.

804
00:50:59,959 --> 00:51:04,280
Hayi, kanti angiwaqukuli-ke amakesi,
eyami i-lifestyle lounge.

805
00:51:05,360 --> 00:51:07,080
Mmm.

806
00:51:07,600 --> 00:51:09,118
Haike, ngi...

807
00:51:09,119 --> 00:51:12,440
Sthandwa sami ngibona engathi nathi
ake sishaye umgwaqo manje. Uyabona?

808
00:51:14,160 --> 00:51:15,718
Yebo, kulungile.

809
00:51:15,719 --> 00:51:18,800
Kusekhona idizethi,
uJessica wenze le oyithandayo.

810
00:51:20,160 --> 00:51:24,798
Kulungile, ngicela ukuthi uqale imoto.
Ngisafuna ukuyovalelisa kahle ezinganeni.

811
00:51:24,799 --> 00:51:27,080
- Kulungile. Ungivalelisele nami kubona.
- Kulungile.

812
00:51:29,120 --> 00:51:31,838
Usuzobonga ke kunkosikazi
ngokudla okumnandi nsizwa.

813
00:51:31,839 --> 00:51:32,960
Shap.

814
00:51:36,080 --> 00:51:38,520
- Ngizoqala imoto ke, mama.
- Kulungile.

815
00:51:43,160 --> 00:51:44,160
Hayibo?

816
00:51:44,680 --> 00:51:47,040
- Yini vele inkinga yakho, Andile?
- Ukhuluma ngani?

817
00:51:47,720 --> 00:51:49,558
Usuyikhohliwe legomora obuyishaya la?

818
00:51:49,559 --> 00:51:51,998
- Futhi yini inkinga yakho ngoSbu?
- Angimthandisisi lo muntu lo--

819
00:51:51,999 --> 00:51:53,758
- Awumthandisisi nje umazelaphi?
- Wena uyamazi yini wena?

820
00:51:53,759 --> 00:51:56,280
Huh? Usuyamazi manje Zanele?

821
00:51:57,440 --> 00:52:00,520
Andile, yini inkinga yakho?

822
00:52:02,840 --> 00:52:04,560
Ngiyakuthanda, uyezwa?

823
00:52:11,120 --> 00:52:12,518
Hayibo, ayikho yonke leyonto.

824
00:52:12,519 --> 00:52:14,680
- Ngiqinisile.
- Uqinisile ngani?

825
00:52:15,720 --> 00:52:17,160
Lento eyenzeka kuthina Zanele.

826
00:52:17,760 --> 00:52:18,800
Kwakunge lona iphutha.

827
00:52:20,680 --> 00:52:21,838
Andile.

828
00:52:21,839 --> 00:52:27,038
Sekuyiminyaka ngibambe ikhandlela
emvuleni yilento yakho noJess.

829
00:52:27,039 --> 00:52:30,758
Manje sekuqhamuke umuntu
ongikhathalelayo, ongijabulisayo,

830
00:52:30,759 --> 00:52:32,478
othi mina.

831
00:52:32,479 --> 00:52:33,558
Wena usuyangithanda?

832
00:52:33,559 --> 00:52:34,640
Mfethu...

833
00:52:36,880 --> 00:52:38,080
lento eyenzeka ngalobuya busuku,

834
00:52:38,600 --> 00:52:41,558
sihlangene kwakungelona iphutha kunalokho,

835
00:52:41,559 --> 00:52:45,200
kwakuwuphawu. Ngoba mina impilo
yami yonke bengibambekile.

836
00:52:46,000 --> 00:52:48,800
Uma ngilokhu ngizibuza
kuyangicacela ukuthi...

837
00:52:49,320 --> 00:52:51,000
Uwena wedwa ongenza
ngibe yindoda emadodeni.

838
00:52:52,280 --> 00:52:53,360
Ngiyakuthanda.

839
00:52:56,120 --> 00:52:57,120
Lalela.

840
00:52:57,680 --> 00:53:00,960
Uthuswa enye indoda.
Futhi awukwazi ukumelana nalokho.

841
00:53:02,720 --> 00:53:05,160
Imizwa yami ayihlangene
naloya mjitha loyana.

842
00:53:06,480 --> 00:53:08,600
- Sengiyahamba.
- Uyaphi manje?

843
00:53:09,120 --> 00:53:10,240
Uya kuyena?

844
00:53:10,840 --> 00:53:12,398
Ubani loya mjitha vele?

845
00:53:12,399 --> 00:53:17,200
Umfazi wakho ulapha ekamelweni
njengamanje ugeza izingane zakho!

846
00:53:18,160 --> 00:53:20,680
Musa ukuzama ukubhidliza lomndeni mfethu.

847
00:53:21,200 --> 00:53:23,958
Futhi ungazami ukuthi
umoshe lento yami nawe.

848
00:53:23,959 --> 00:53:25,120
Uthi wenzelani?

849
00:53:26,040 --> 00:53:29,960
Iphutha esalenza sidakiwe Andile,
nokuphoxeka kwakho?

850
00:53:32,640 --> 00:53:33,640
Hayi, mani.

851
00:53:38,320 --> 00:53:39,998
Uthini ngezingane Zanele?

852
00:53:39,999 --> 00:53:41,318
Ungalinge.

853
00:53:41,319 --> 00:53:43,840
USbu uyazi ukuthi awukwazi
ukumnika izingane?

854
00:53:45,320 --> 00:53:47,280
Akazifuni izingane uSbu.

855
00:53:50,600 --> 00:53:51,640
Zanele.

856
00:53:52,360 --> 00:53:53,400
Zanele, buka.

857
00:54:39,040 --> 00:54:41,598
Kusho kona ukuthi uwumphathi oqotho

858
00:54:41,599 --> 00:54:45,118
ngoba nansi induna ikumemile
emshadweni wendodakazi yakhe.

859
00:54:45,119 --> 00:54:46,278
Haibo.

860
00:54:46,279 --> 00:54:49,360
Usho ngoba wena ungaboni
ngampela nje ukuthi ngiqotho vele?

861
00:54:51,440 --> 00:54:55,238
Futhi ke kuyasiza ukuthi umngani
wami obehlela lomshado.

862
00:54:55,239 --> 00:54:56,758
- Wuye lo?
- Mmm.

863
00:54:56,759 --> 00:54:58,678
- Hayi cha muhle. Usebenzile.
- Uyabona, yoh.

864
00:54:58,679 --> 00:55:00,518
- Usebenzile kakhulu.
- Yoh.

865
00:55:00,519 --> 00:55:01,638
- Yebo.
- Ngampela?

866
00:55:01,639 --> 00:55:04,280
- Nawe umuhle kakhulu namhlanje.
- Aw.

867
00:55:06,240 --> 00:55:07,958
Akuzona izinto zami vele lezi.

868
00:55:07,959 --> 00:55:10,920
- Sanibonani.
- Yebo, sawubona.

869
00:55:13,160 --> 00:55:14,478
Naze nafanelana oe.

870
00:55:14,479 --> 00:55:17,119
- Futhi vele nawe uthanda ukuqoma.
- Ngizokushaya wena.

871
00:55:18,840 --> 00:55:20,678
Oh...

872
00:55:20,679 --> 00:55:22,078
Sbu Sishi.

873
00:55:22,079 --> 00:55:25,398
ULethu lo. Umngani wami wakudala.

874
00:55:25,399 --> 00:55:28,158
- Ngiyajabula ukukwazi, mama.
- Kujabula mina.

875
00:55:28,159 --> 00:55:30,078
Hayike, jabulani.

876
00:55:30,079 --> 00:55:32,598
Ngiyethemba ukuthi maduzane nje,

877
00:55:32,599 --> 00:55:34,360
nizoba amaklayenti ami amasha.

878
00:55:35,320 --> 00:55:36,360
Oh...

879
00:55:37,280 --> 00:55:38,599
Ngizonibona ngaphakathi.

880
00:55:41,120 --> 00:55:42,678
Amaklayenti amasha.

881
00:55:42,679 --> 00:55:47,560
Nami sengijahile ukuthi ube uNkk.
Sishi, uyabona? Uyabona mama?

882
00:55:48,080 --> 00:55:49,080
Yebo.

883
00:55:50,720 --> 00:55:53,598
- Kahle.
- Sibe neqembu lebhola lezingane,

884
00:55:53,599 --> 00:55:57,400
uyabona mama, ezizojabula nje egcekeni.

885
00:55:58,240 --> 00:56:02,120
Ima Sbu wathi nje wena awuzifuni izingane.
Nephrofayili yakho ibhalwe kanjalo.

886
00:56:02,720 --> 00:56:03,558
Angizwa?

887
00:56:03,559 --> 00:56:06,158
"Angizami ukuba nezingane.
Ungangikhohlwa kulokho."

888
00:56:06,159 --> 00:56:10,038
Oh, uchaze...
Oh, cha, iphrofayili indala, mama.

889
00:56:10,039 --> 00:56:14,880
Ngalesiya sikhathi bengisagxile ekutheni
ngakhe ibhizinisi lami lime, uyabona.

890
00:56:15,840 --> 00:56:16,998
Ngisho ukuthi...

891
00:56:16,999 --> 00:56:20,080
Yebo, kodwa phela ingane hayi ukuthi
siyidinga manje phela mama, uyabona?

892
00:56:21,120 --> 00:56:23,120
Kodwa ekugcineni kuzofanele
ukuthi sibe nomndeni.

893
00:56:27,040 --> 00:56:30,080
Yazini, angeke ngikwazi ukuyenza lento.

894
00:56:31,000 --> 00:56:32,360
Ungiqambele amanga Sbu.

895
00:56:33,120 --> 00:56:35,240
Uthe izingane awuzifuni.
Manje usuyazifuna.

896
00:56:35,920 --> 00:56:38,160
Kahle kahle yini enye
ongiqambela yona amanga?

897
00:56:38,920 --> 00:56:39,920
Awu, mama?

898
00:57:18,920 --> 00:57:23,440
ISAHLUKO 3

899
00:57:33,760 --> 00:57:35,840
Yehlisa ke.

900
00:57:36,680 --> 00:57:41,798
Uyabona bantwana basekhaya ayikho
into ebuhlungu njengokuphuka kwenhliziyo

901
00:57:41,799 --> 00:57:45,558
ozikhethele ukuzilandela yona
uzifakele yona.

902
00:57:45,559 --> 00:57:50,318
Noma kungathiwa ngaleso sikhathi
bekubonakala njengento enhle ukuyenza,

903
00:57:50,319 --> 00:57:55,320
kodwa okusalayo isazokuvova ngoba
ubuhlungu obubi kakhulu.

904
00:57:56,200 --> 00:57:57,200
Oh.

905
00:58:08,800 --> 00:58:10,800
Jess, ngiyaxolisa.

906
00:58:11,520 --> 00:58:13,080
Singakhuluma ngalokhu, ngiyakucela?

907
00:58:13,640 --> 00:58:15,918
Bheka, uZanele umngani wami omdala.

908
00:58:15,919 --> 00:58:17,558
Ngiyamthanda, kodwa angimthanda--

909
00:58:17,559 --> 00:58:19,000
Ungangenzi isilima!

910
00:58:21,400 --> 00:58:22,400
Angikwenzi.

911
00:58:23,040 --> 00:58:24,040
Ngiyakuthembisa.

912
00:58:25,760 --> 00:58:26,840
Bengikuthemba.

913
00:58:29,840 --> 00:58:33,278
Wangitshela ukuthi
ningabangani futhi ngakukholwa.

914
00:58:33,279 --> 00:58:34,640
Siyibona. Ngisho ukuthi...

915
00:58:35,920 --> 00:58:37,280
Sasiyibona.

916
00:58:38,200 --> 00:58:41,998
Bheka. Okwenzeka akuhlangene
nakancane nawe nezingane.

917
00:58:41,999 --> 00:58:45,200
Umuntu ebenginguwe ubengangijabulisi.

918
00:58:46,840 --> 00:58:47,840
Ngi...

919
00:58:48,680 --> 00:58:51,200
bengithi angenzi okwanele.
Ukuthi anganele.

920
00:58:53,040 --> 00:58:54,800
Kade ngibuyele esikoleni,

921
00:58:55,840 --> 00:58:58,760
ngadakwa ngazikhohlisa ngomqondo
wokuba omunye umuntu.

922
00:59:03,600 --> 00:59:05,520
Ngiyekele umndeni wami
wangingene ekhanda, uyezwa?

923
00:59:09,120 --> 00:59:12,920
Ngimoshile. Bekuyiphutha,
bekuyiphutha elingenanqondo.

924
00:59:14,840 --> 00:59:16,920
Jessica, uyikho konke kimina.

925
00:59:18,120 --> 00:59:19,200
Wena naleziya zingane

926
00:59:20,760 --> 00:59:21,760
niwumhlaba wami.

927
00:59:35,680 --> 00:59:36,680
Jessica.

928
00:59:37,600 --> 00:59:38,840
Ingabe yonke into ihamba kahle?

929
00:59:40,480 --> 00:59:42,760
Usungayeka ukuzenzisa manje,
Zanele. Ngiyazi.

930
00:59:43,280 --> 00:59:44,638
Uyazi? Kwenzakaleni?

931
00:59:44,639 --> 00:59:46,800
Ulale nomyeni wami.

932
00:59:48,680 --> 00:59:49,760
Yilokho okwenzakalile.

933
00:59:50,920 --> 00:59:52,358
Empeleni, beku--

934
00:59:52,359 --> 00:59:54,040
Anginendaba Zanele.

935
00:59:56,320 --> 00:59:59,400
Angizele la ukuthi uxolise futhi
angifune kuzwa ozokusho.

936
00:59:59,920 --> 01:00:01,560
Ngifuna...

937
01:00:05,320 --> 01:00:07,040
Ngifuna ukwazi into eyodwa nje.

938
01:00:07,840 --> 01:00:08,840
Noma yini.

939
01:00:12,160 --> 01:00:13,320
Uyamthanda?

940
01:00:14,280 --> 01:00:15,280
Ini?

941
01:00:15,800 --> 01:00:18,880
Uyamthanda na, Zanele?

942
01:00:19,760 --> 01:00:21,518
Uyafuna ukuba naye?

943
01:00:21,519 --> 01:00:25,280
Cha. Kwakuyiphutha.

944
01:00:25,880 --> 01:00:26,958
Kwakuyinto engatheni.

945
01:00:26,959 --> 01:00:29,720
Ukubhidliza umndeni wami
kwakuyinto engatheni kuwe?

946
01:00:37,000 --> 01:00:38,800
Ngiyamthanda u-Andile.

947
01:00:41,080 --> 01:00:43,560
Kodwa ngeke ngize ngiqhudelane nawe.

948
01:00:44,360 --> 01:00:47,718
Futhi ngeke ngize ngenze umsebenzi
onzima wokulungisa osukuphulile,

949
01:00:47,719 --> 01:00:50,560
ukuze uzophinde ubuye uzokubhidliza futhi.

950
01:00:51,480 --> 01:00:53,240
Shuthi uma bekuyinto engatheni...

951
01:00:54,600 --> 01:00:55,760
Ngibheke!

952
01:00:58,360 --> 01:01:01,520
Uma bekuyinto engatheni, njengoba usho,

953
01:01:02,040 --> 01:01:03,680
hlukana naye.

954
01:01:07,160 --> 01:01:08,000
Ungafoni.

955
01:01:08,960 --> 01:01:09,960
Ungathumeli imiqhafazo.

956
01:01:11,400 --> 01:01:12,760
Ungezi endlini.

957
01:01:15,360 --> 01:01:17,600
Futhi ungawaboni amantombazane ami.

958
01:01:19,280 --> 01:01:20,880
Hlukana nje nomndeni wami.

959
01:01:23,160 --> 01:01:24,160
Ngiyakucela, Zanele.

960
01:01:28,200 --> 01:01:29,800
Kulungile.

961
01:01:30,680 --> 01:01:31,680
Ngiqinisile.

962
01:01:33,240 --> 01:01:34,360
Ngiyakuthembisa.

963
01:01:46,040 --> 01:01:47,040
Fusegi.

964
01:01:50,720 --> 01:01:51,840
Fusegi.

965
01:02:28,920 --> 01:02:30,638
Ukahle?

966
01:02:30,639 --> 01:02:31,718
- Unesiqiniseko?
- Yebo.

967
01:02:31,719 --> 01:02:33,960
Yoh, ubumangalisa.

968
01:02:35,000 --> 01:02:36,160
Gijima uye kumama.

969
01:02:36,720 --> 01:02:37,720
Bekukuhle.

970
01:02:38,240 --> 01:02:40,598
Wenze kahle!

971
01:02:40,599 --> 01:02:41,760
Woza.

972
01:02:42,320 --> 01:02:44,478
- Bekunjani?
- Bekumnandi.

973
01:02:44,479 --> 01:02:47,440
- Kakhulu. Umtshelile usisi wakho?
- Yebo.

974
01:02:54,720 --> 01:02:56,158
Nazo-ke, usisi wakho uyeza.

975
01:02:56,159 --> 01:02:57,678
- Ucabanga ukuthi siyomlanda?
- Sky!

976
01:02:57,679 --> 01:02:59,400
Ngimtshelile ukuthi angilinde.

977
01:03:00,000 --> 01:03:02,600
- Nazo-ke, Sky!
- Nazo-ke, Sky!

978
01:03:03,920 --> 01:03:05,520
Yebo!

979
01:03:08,600 --> 01:03:09,520
Whoo!

980
01:03:11,160 --> 01:03:14,678
- Ma, ngicela induku enamagwebu?
- Cha. Cha usudlulile kulokho.

981
01:03:14,679 --> 01:03:18,038
Futhi ubunawo lawa amancane
anoqhakaza. Uyawakhumbula lawo?

982
01:03:18,039 --> 01:03:20,758
- U-ice cream!
- Ikhanda lehhashi?

983
01:03:20,759 --> 01:03:23,158
Yebo, leyo, kodwa uChelsea
wayilahla eyakhe...

984
01:03:23,159 --> 01:03:25,480
...futhi angikwazanga
ukuyithola esitolo.

985
01:03:26,360 --> 01:03:27,440
Oh.

986
01:03:29,240 --> 01:03:32,118
- Uyakhumbula?
- Ma. Ngingawuthenga u-ice cream?

987
01:03:32,119 --> 01:03:33,198
Yebo.

988
01:03:33,199 --> 01:03:36,280
Kokudlule, u-Anti Zanele wangithengela
u-ice-cream wokugcina we-blueberry.

989
01:03:39,480 --> 01:03:41,558
Sthandwa sami, awufuni ukuzama
into entsha namhlanje?

990
01:03:41,559 --> 01:03:43,758
- Ushokolethi?
- Yebo, ushokolethi.

991
01:03:43,759 --> 01:03:46,158
- U-ice cream omubili washokolethi.
- Yebo.

992
01:03:46,159 --> 01:03:48,480
- Kukhona okufunayo?
- Cha, ngiyabonga sthandwa sami.

993
01:03:49,400 --> 01:03:50,798
- Imalini?
- Ngiyabonga, Ma.

994
01:03:50,799 --> 01:03:53,398
- Kulungile, sthandwa sami. Kuyimalini?
- Kuzoba u-R30.

995
01:03:53,399 --> 01:03:54,600
Amashumi amathathu?

996
01:03:56,240 --> 01:03:57,958
- Nazoke.
- Ngiyabonga kakhulu.

997
01:03:57,959 --> 01:03:59,758
Kulungile.

998
01:03:59,759 --> 01:04:02,240
- Asambeni.
- Ngiyabonga.

999
01:04:07,320 --> 01:04:09,198
Buka lapha. Yebo.

1000
01:04:09,199 --> 01:04:11,880
Kodwa eqinisweni konke
nje bekuhamba kahle.

1001
01:04:12,520 --> 01:04:16,238
Nami ngithathe izinyathelo ezithile
ukuze sibuyele ohlelweni.

1002
01:04:16,239 --> 01:04:18,280
Kuyabonakala, kuhle. Kuhle okwangempela.

1003
01:04:19,400 --> 01:04:21,400
Zanele, ukahle?

1004
01:04:22,200 --> 01:04:24,960
Yebo. Yebo, cha ngikahle.

1005
01:04:27,440 --> 01:04:28,560
Unesiqiniseko?

1006
01:04:30,240 --> 01:04:31,880
Ngoba umhlangano wakho olandelayo
usemizuzwini eyi-15 elandelayo.

1007
01:04:32,840 --> 01:04:36,480
- Zanele!
- Hayibo. Ezokuphepha!

1008
01:04:37,000 --> 01:04:40,078
Nginezindaba ezimnandi futhi
ngikuphathele izindaba ezimnandi.

1009
01:04:40,079 --> 01:04:41,158
- Kwakuhle.
- Yebo.

1010
01:04:41,159 --> 01:04:43,078
Ngifuna zona ezimnandi namhlanje.

1011
01:04:43,079 --> 01:04:45,238
Iqakala lakho akuyona into embi. Uyabona?

1012
01:04:45,239 --> 01:04:48,238
Unyelile nje kuphela eqakaleni.

1013
01:04:48,239 --> 01:04:51,080
Nazo-ke.
Manje, enye into engizoyicela nkosazane,

1014
01:04:51,840 --> 01:04:54,360
ukuthi indaba yokuvakashela izikhungo
awuyimise kancane.

1015
01:04:55,560 --> 01:04:56,838
- Kulungile.
- Yebo.

1016
01:04:56,839 --> 01:04:57,920
- Yebo.
- Eh-heh.

1017
01:04:59,200 --> 01:05:00,279
Ezinye ezimnandi?

1018
01:05:02,960 --> 01:05:04,360
Ukhulelwe?

1019
01:05:04,960 --> 01:05:06,440
Sengizoba u-anti?

1020
01:05:08,400 --> 01:05:09,998
Mngani, nginezinyanga ezintathu.

1021
01:05:09,999 --> 01:05:13,200
Yebo. Kushuthi usuzidlulile
izinyanga ezintathu zokuqala.

1022
01:05:13,760 --> 01:05:15,640
USbu bengingamazi ezinyangeni
ezintathu ezidlule.

1023
01:05:18,200 --> 01:05:19,560
Isigameko sakho no-Andile?

1024
01:05:20,200 --> 01:05:21,200
Ingane yakhe.

1025
01:05:21,760 --> 01:05:23,518
- Uzoyigcina?
- Ini?

1026
01:05:23,519 --> 01:05:25,680
Sonke siyazi ukuthi awukaze
uzifune izingane.

1027
01:05:26,240 --> 01:05:30,278
Mngani ukungazifuni kwami izingane yingoba
ngiyazi ngeke ngikwazi ukuzithwala.

1028
01:05:30,279 --> 01:05:32,398
Sikuphi isidingo sokufuna
into ongeke uyithole?

1029
01:05:32,399 --> 01:05:35,440
Oh. Manje uzoyimisa kanjani lento
yakho no-Andile?

1030
01:05:37,400 --> 01:05:39,800
U-Andile unomndeni wakhe, oe. Lo owami.

1031
01:05:41,000 --> 01:05:42,160
Ngeke umtshele yini?

1032
01:05:44,640 --> 01:05:46,120
Uzoyikhulisa wedwa?

1033
01:05:51,800 --> 01:05:53,440
Kodwa ngisazoba u-anti, angithi?

1034
01:06:00,880 --> 01:06:01,998
Ngingakusiza?

1035
01:06:01,999 --> 01:06:03,438
- Awu, Dlamini.
- Sbu.

1036
01:06:03,439 --> 01:06:05,358
Dlamini washiya ithebu ya-R2400.

1037
01:06:05,359 --> 01:06:06,838
Eish, Sbu...

1038
01:06:06,839 --> 01:06:09,880
Ungakhali khokha nje. Ayikho indaba yakho.

1039
01:06:10,440 --> 01:06:12,318
Lalela, uyababona bonke labantu abala?
Amaklayenti ami.

1040
01:06:12,319 --> 01:06:14,200
Ngicela ubaphathe kahle. Siyezwana?

1041
01:06:19,680 --> 01:06:21,120
Sawubona, Sbu.

1042
01:06:23,720 --> 01:06:25,240
Bengicela ukukhuluma nawe?

1043
01:06:26,400 --> 01:06:27,440
Ngasese.

1044
01:06:29,400 --> 01:06:30,720
Ngiyakucela.

1045
01:06:57,000 --> 01:06:58,758
Buka, Sbu. Ngizohlala odabeni.

1046
01:06:58,759 --> 01:07:00,078
Ngesikhathi ngisakhula,

1047
01:07:00,079 --> 01:07:03,198
odokotela bangitshela ukuthi angisoze
ngakwazi ukuba nezingane.

1048
01:07:03,199 --> 01:07:07,400
Ngakho ke nami abantu abengithandana nabo
bengibakhethiswa ukuthi nabo abazifuni.

1049
01:07:07,960 --> 01:07:11,280
Nawe esinye saso isizathu
sokuthi ngikukhethe.

1050
01:07:14,640 --> 01:07:15,640
Kodwa...

1051
01:07:17,840 --> 01:07:19,520
emshadweni, Sbu.

1052
01:07:20,640 --> 01:07:23,320
Ngesikhathi ungitshela
ukuthi ufuna izingane,

1053
01:07:24,200 --> 01:07:25,160
ngathuka.

1054
01:07:25,920 --> 01:07:28,520
Ngangingazi ukuthi ngeze njani.
Yingakho ngabaleka.

1055
01:07:29,120 --> 01:07:30,480
Manje--

1056
01:07:31,600 --> 01:07:33,680
Kodwa manje Sbu khona into esiyenzekile.

1057
01:07:37,600 --> 01:07:38,600
Ngikhulelwe.

1058
01:07:40,640 --> 01:07:43,440
Unjani? Ukhulelwe?

1059
01:07:45,320 --> 01:07:46,320
U...

1060
01:07:47,560 --> 01:07:49,678
- Ukhulelwe?
- Ngikhulelwe.

1061
01:07:49,679 --> 01:07:51,440
Ingane yethu?

1062
01:07:52,320 --> 01:07:54,198
Ingane yethu yesimangaliso.

1063
01:07:54,199 --> 01:07:57,440
- Ngizoba ubaba mina. Mina?
- Mm-hmm.

1064
01:07:59,320 --> 01:08:03,718
Heyi bafowethu, ngicela kusukela
namhlanje, ningibize uBaba wakhe.

1065
01:08:03,719 --> 01:08:06,718
Ngoba sengizoba nengane, bafowethu.

1066
01:08:06,719 --> 01:08:10,360
Ngizoba nengane.

1067
01:08:11,040 --> 01:08:13,280
Hawe MaCebekhulu.

1068
01:08:22,240 --> 01:08:24,600
Kulungile, khululeka.

1069
01:09:21,359 --> 01:09:23,120
Wenzani lapho phakathi?

1070
01:09:24,560 --> 01:09:25,840
Heyi, wena baba?

1071
01:09:26,680 --> 01:09:28,080
Oh.

1072
01:09:37,040 --> 01:09:38,560
Udlala ibhola la.

1073
01:09:39,600 --> 01:09:40,720
Sawubona.

1074
01:09:43,600 --> 01:09:44,600
Zanele.

1075
01:09:45,920 --> 01:09:46,920
Andile.

1076
01:09:47,760 --> 01:09:48,800
Sawubona.

1077
01:09:49,600 --> 01:09:50,640
Sawubona.

1078
01:09:51,279 --> 01:09:52,760
Kwaze kwakuhle ukukubona. Benginga...

1079
01:09:54,040 --> 01:09:55,958
Yebo, awu, Sawubona.

1080
01:09:55,959 --> 01:09:57,520
- Ukahle?
- Yebo.

1081
01:09:58,279 --> 01:09:59,200
Hawu.

1082
01:10:01,080 --> 01:10:02,278
- Ukhulelwe?
- Yebo.

1083
01:10:02,279 --> 01:10:03,360
Hawu.

1084
01:10:06,880 --> 01:10:09,918
Ngiyaxolisa yazi,
ukuthi bengingazitsheli ukuthi

1085
01:10:09,919 --> 01:10:11,678
uyakwazi ukuba nezingane.

1086
01:10:11,679 --> 01:10:13,440
Ngiyazi, isimangaliso.

1087
01:10:15,400 --> 01:10:16,400
Ngiyakuhalalisela.

1088
01:10:17,080 --> 01:10:18,280
Ngiyabonga.

1089
01:10:24,240 --> 01:10:25,878
Manje

1090
01:10:25,879 --> 01:10:27,600
usunezinyanga ezingaki manje?

1091
01:10:28,400 --> 01:10:29,638
Uh, izinyanga eziyisithupha.

1092
01:10:29,639 --> 01:10:31,598
- Izinyanga eziyisithupha. Hawu.
- Yebo.

1093
01:10:31,599 --> 01:10:33,400
- Mmm.
- Izinyanga eziyisithupha ne.

1094
01:10:33,920 --> 01:10:37,520
Uyazi, ngingenza konke okusemandleni ami
ukubuyela emuva izinyanga eziyisithupha.

1095
01:10:38,040 --> 01:10:41,078
- Yebo into okuyiyo engashintshi ushintsho.
- Yebo.

1096
01:10:41,079 --> 01:10:42,758
Kodwa kulezo zinyanga eziyisithupha,

1097
01:10:42,759 --> 01:10:44,920
besihlangene esikoleni, uyakhumbula?

1098
01:10:50,680 --> 01:10:51,720
Zanele.

1099
01:10:54,680 --> 01:10:55,920
Ingane yami lo oyiphethe?

1100
01:10:57,480 --> 01:10:58,400
Zanele.

1101
01:10:59,000 --> 01:11:01,838
Andile, ngiyakucela bandla ungayenzi
lento ocabanga ukuyenza.

1102
01:11:01,839 --> 01:11:02,920
Ngingenzi ini?

1103
01:11:05,800 --> 01:11:07,998
Yindaba ungakhulumanga nami?
Awushongo lutho.

1104
01:11:07,999 --> 01:11:11,600
Kanjani? Uwena nje obhadlaze indaba yethu
kumfazi wakho. Wamosha izimpilo zethu.

1105
01:11:12,600 --> 01:11:13,440
Kulungile.

1106
01:11:14,120 --> 01:11:17,318
Kulungile, bheka. Ngiyakucela bandla.

1107
01:11:17,319 --> 01:11:20,360
Sengithole yonke into
ebengiyifuna mina emhlabeni.

1108
01:11:22,600 --> 01:11:26,640
Zanele ukhulelwe ingane yami.
Awusho lutho nje kimina.

1109
01:11:27,360 --> 01:11:28,960
Unomndeni wakho, Andile.

1110
01:11:29,480 --> 01:11:30,878
Nami sengithole owami.

1111
01:11:30,879 --> 01:11:32,400
Gxila kubona nawe.

1112
01:11:59,040 --> 01:12:02,040
- <i>Sawubona, sthandwa sami.</i>
- <i>Sawubona.</i>

1113
01:12:08,600 --> 01:12:11,478
Sawubona! Hawu Nkosi yami.
Unjani?

1114
01:12:11,479 --> 01:12:13,760
Sawubona. Unjani?

1115
01:12:14,800 --> 01:12:16,039
Dlala, Chelsea!

1116
01:12:17,720 --> 01:12:19,438
- Yebo.
- Hayi.

1117
01:12:19,439 --> 01:12:20,720
Sthandwa sami?

1118
01:12:23,960 --> 01:12:26,958
Sthandwa, ubuwazi uZanele ukhulelwe?

1119
01:12:26,959 --> 01:12:28,838
U-Anti Zanele usezoba nengane?

1120
01:12:28,839 --> 01:12:29,960
Umfana noma intombazane?

1121
01:12:31,880 --> 01:12:34,958
Sky, kunganjani uyotholela
wena nosisi wakho u-ice cream?

1122
01:12:34,959 --> 01:12:36,838
- Ningawudlela ekamelweni lenu, niyezwa?
- Kulungile!

1123
01:12:36,839 --> 01:12:39,960
- Yay!
- U-Ice cream, kwamnandi.

1124
01:12:41,000 --> 01:12:42,080
Kanjani? Ngisho ukuthi,

1125
01:12:43,280 --> 01:12:45,160
angikamboni uZanele kusukela...

1126
01:12:45,800 --> 01:12:47,198
Angazi nokwazi.

1127
01:12:47,199 --> 01:12:50,918
Hayike, ukhulelwe futhi uyisakaza
bukhoma i-baby shower yakhe.

1128
01:12:50,919 --> 01:12:55,200
Lokho bekulindelekile. Ngangilokhu
ngisho ukuthi uyathanda ukubukisa.

1129
01:12:55,760 --> 01:12:57,520
Hmm. Hawu.

1130
01:12:58,760 --> 01:13:00,920
- Ya ne.
- Uyafuna ukubona?

1131
01:13:01,760 --> 01:13:04,240
Cha. [uyangingiza] Ngiyabonga. Ngikahle.

1132
01:13:05,400 --> 01:13:08,040
- Kulungile.
- Ngicabanga ukuthi ngizovele ngi...

1133
01:13:08,640 --> 01:13:10,878
ngizothi ukuyoshawa umoya, kulungile?

1134
01:13:10,879 --> 01:13:12,038
- Yebo.
- Kulungile.

1135
01:13:12,039 --> 01:13:13,640
- Ngizokubona emva kwesikhashana.
- Bhabhayi.

1136
01:13:18,640 --> 01:13:20,598
Hayike.

1137
01:13:20,599 --> 01:13:25,520
Anginibizelanga la
ukuzobungaza ukufika komntwana kuphela.

1138
01:13:26,280 --> 01:13:29,959
Silana futhi ukuzoveza ubulili bakhe.

1139
01:13:34,000 --> 01:13:35,320
Manje...

1140
01:14:01,200 --> 01:14:04,080
<i>Sthandwa sami, okwakho lokhu.</i>

1141
01:14:04,680 --> 01:14:07,640
<i>Ha-eh ngiyiphendukezele.</i>

1142
01:14:08,160 --> 01:14:09,640
<i>Kulungile ke, ima, pe.</i>

1143
01:14:15,600 --> 01:14:16,800
Umfana!

1144
01:14:20,840 --> 01:14:24,720
- Hawu, indlalifa.
- Aw!

1145
01:14:25,240 --> 01:14:26,240
Umfana wami.

1146
01:14:29,680 --> 01:14:33,879
Mfana wami ngiyakuthembisa ngizokwenza
yonke into ukuthi ngikukhulise kahle.

1147
01:14:35,320 --> 01:14:37,360
Ngiyabonga ukuthi ungenze ubaba.

1148
01:14:38,960 --> 01:14:39,960
Ngiyabonga mama.

1149
01:14:43,880 --> 01:14:46,360
Umfana!

1150
01:14:47,120 --> 01:14:48,720
Aw.

1151
01:14:55,160 --> 01:14:57,760
- Siyakuhalalisela.
- Ngiyabonga kakhulu.

1152
01:15:04,760 --> 01:15:06,560
- Ngiyabuya.
- Kulungile.

1153
01:15:09,160 --> 01:15:12,000
- Sidinga ukukhuluma Zanele.
- Yini Andile, ufunani lana?

1154
01:15:12,800 --> 01:15:15,118
- Awungitshelanga ngani ingane yomfana le?
- Ini?

1155
01:15:15,119 --> 01:15:17,558
Mfethu, uyazi ukuthi isikhathi eside
bengifuna ingane yomfana.

1156
01:15:17,559 --> 01:15:19,518
- Andile.
- Zanele, ingane yami le oyiphethe.

1157
01:15:19,519 --> 01:15:22,238
Angeke ngivume ukuthi enye
indoda ikhulise ingane yami.

1158
01:15:22,239 --> 01:15:23,438
- Indlalifa yami.
- Heyi.

1159
01:15:23,439 --> 01:15:24,758
Usuyahlanya yini?

1160
01:15:24,759 --> 01:15:27,200
Kulungile, shap.

1161
01:15:27,720 --> 01:15:28,960
Ngifuna ingane yami kuphela.

1162
01:15:29,760 --> 01:15:32,200
- Ungayenzi lento.
- Ingabe kunenkinga la mama?

1163
01:15:33,160 --> 01:15:34,200
Ukahle?

1164
01:15:36,160 --> 01:15:38,198
- Yebo ukahle, uyambona nawe.
- Bengingakhulumi nawe.

1165
01:15:38,199 --> 01:15:41,480
Ayihlangene nawe lento.
Imayelana nami, uZanele...

1166
01:15:43,720 --> 01:15:44,918
nengane yethu.

1167
01:15:44,919 --> 01:15:46,798
Um, angizwa? Awuphinde.

1168
01:15:46,799 --> 01:15:48,638
- Ngithe ayihlangene nawe lento wena--
- Lalela.

1169
01:15:48,639 --> 01:15:52,200
Ngeke uze usuke la osuka khona, mase
uzobhedela umama nengane yami. Hayi la.

1170
01:15:53,600 --> 01:15:54,518
Eyami lengane.

1171
01:15:54,519 --> 01:15:56,558
Siphukuphuku, eyami lengane!

1172
01:15:56,559 --> 01:15:57,878
Eyami ingane!

1173
01:15:57,879 --> 01:15:59,438
Kanti isilima lomfana?

1174
01:15:59,439 --> 01:16:01,320
Yoh, bafethu, cha!

1175
01:16:01,880 --> 01:16:04,120
Andile!

1176
01:16:04,800 --> 01:16:07,398
Bafethu, kahleni!
Nobabili ngicela niyiyeke lento!

1177
01:16:07,399 --> 01:16:08,520
Yebo!

1178
01:16:10,160 --> 01:16:12,200
- Sidlale futhi?
- Ma, ukahle?

1179
01:16:12,800 --> 01:16:14,278
- Ma?
- Huh?

1180
01:16:14,279 --> 01:16:15,360
- Ukahle?
- Ukahle?

1181
01:16:18,040 --> 01:16:19,040
Uh...

1182
01:16:19,920 --> 01:16:22,558
Yebo, ngikahle. Yebo.

1183
01:16:22,559 --> 01:16:23,638
- Kulungile.
- Kulungile...

1184
01:16:23,639 --> 01:16:25,440
- Sidlale futhi?
- Asidlale.

1185
01:16:36,400 --> 01:16:39,040
Oh, um, ngi... ngiyabuya.

1186
01:16:43,840 --> 01:16:45,280
Yini ngawe?

1187
01:16:48,280 --> 01:16:51,120
Ingabe iqiniso leli elikhulunywa
yilomfana? Mmm?

1188
01:16:53,120 --> 01:16:53,999
Mmm?

1189
01:16:56,640 --> 01:16:57,920
Yiqiniso na?

1190
01:17:01,520 --> 01:17:03,198
Akusona isikhathi sokuthi ungakhulumi.
Isikhathi sokuthi ukhulume iqiniso.

1191
01:17:03,199 --> 01:17:06,840
Iqiniso yini ukuthi lomfana lo
ubaba walengane?

1192
01:17:08,200 --> 01:17:09,240
- Y--
- Khuluma mani!

1193
01:17:10,440 --> 01:17:12,760
Yebo, yiqiniso.

1194
01:17:48,320 --> 01:17:49,680
Izingane zilele.

1195
01:17:57,000 --> 01:18:00,320
Uzobatshelani kusasa uma sebengifuna? Hhe?

1196
01:18:05,960 --> 01:18:08,240
Ngangingaqondile ukuthi konke
lokhu kwenzeke, Jessica.

1197
01:18:28,240 --> 01:18:29,240
Ngeke

1198
01:18:30,560 --> 01:18:33,038
ngikuvumele ungenze isilima, Andile.

1199
01:18:33,039 --> 01:18:34,718
Ngaphezu kwangendlela osungenze ngayo.

1200
01:18:34,719 --> 01:18:37,040
- Kodwa sisangayilungisa lento.
- Oh, kanjani?

1201
01:18:38,160 --> 01:18:41,080
Isithembu?
Ngoba ngeke ngiyimele leyonto.

1202
01:18:44,120 --> 01:18:45,918
Angimthandi uZanele. Ngithanda wena.

1203
01:18:45,919 --> 01:18:50,320
Hayi! Cha, Andile. Sibuya khona la.

1204
01:18:51,600 --> 01:18:53,040
Asiphindeli.

1205
01:18:54,000 --> 01:18:54,920
Ngiyakucela.

1206
01:18:58,200 --> 01:18:59,880
Kugcono usekunikezile indodana.

1207
01:19:01,160 --> 01:19:02,200
- Jess.
- Mm-mmm.

1208
01:19:03,560 --> 01:19:06,278
Ungenza amalungiselelo okuthi
uzolanda ezinye izinto zakho

1209
01:19:06,279 --> 01:19:08,360
ngolunye lwalezi zinsuku uma
amantombazane esesikoleni.

1210
01:19:41,720 --> 01:19:42,720
Sawubona.

1211
01:19:44,360 --> 01:19:46,558
Uyacabanga ukuthi ukube
kuthiwa ube neqiniso ngalento,

1212
01:19:46,559 --> 01:19:49,200
ngabe siyitholile indlela yokuthi
sibhekane nayo mama.

1213
01:19:52,320 --> 01:19:53,320
Kodwa ke...

1214
01:20:02,240 --> 01:20:04,880
Angikaze ngithande umuntu ngendlela
engikuthanda ngayo.

1215
01:20:06,680 --> 01:20:09,280
Kanti futhi angikaze ngiphoxwe umuntu

1216
01:20:09,840 --> 01:20:10,840
ngendlela ongiphoxe ngayo.

1217
01:20:18,320 --> 01:20:19,440
Uyiphulile inhliziyo yami.

1218
01:20:34,480 --> 01:20:36,480
Uyiphulile mama.

1219
01:20:38,240 --> 01:20:39,280
Sbu...

1220
01:21:06,960 --> 01:21:10,279
I-EPILOGUE
EMVA KWEMINYAKA EMITHATHU

1221
01:21:11,240 --> 01:21:14,278
- Nangu uBaba. Yima la.
- Othi ngikusule.

1222
01:21:14,279 --> 01:21:16,278
Yima la usule, mfana.

1223
01:21:16,279 --> 01:21:18,558
- Sula kuqala. Sula.
- Uthanda ukudlala ngamagwebu

1224
01:21:18,559 --> 01:21:19,638
nebhola angithi?

1225
01:21:19,639 --> 01:21:20,918
- Sula.
- Faka isikibha ke.

1226
01:21:20,919 --> 01:21:24,078
- Akakuhluphanga kodwa Baba?
- Cha, akangihluphanga.

1227
01:21:24,079 --> 01:21:26,798
- Ngifuna ukubhukuda okokugcina.
- Ufuna ukubhukuda okokugcina?

1228
01:21:26,799 --> 01:21:29,840
- UMkhulu uzokuyisa okokugcina, yezwa?
- Ngizokuyisa futhi.

1229
01:21:31,000 --> 01:21:32,320
Kuhamba kahle, Ndodana?

1230
01:21:33,320 --> 01:21:35,600
Yebo. Kuhamba kahle, Baba.

1231
01:21:36,280 --> 01:21:37,480
Angithi wathi

1232
01:21:38,480 --> 01:21:41,840
- indoda ayikhali?
- Kunjalo nje. Kunjalo impela.

1233
01:21:42,440 --> 01:21:43,920
Ngiyabonga mfana wami.

1234
01:21:44,680 --> 01:21:46,560
Ngiyabonga kakhulu.

1235
01:22:01,120 --> 01:22:02,240
Aphelele?

1236
01:22:02,760 --> 01:22:03,960
- Kukhona elinye?
- Qo-qo.

1237
01:22:04,600 --> 01:22:05,600
Awu, sawubona.

1238
01:22:07,880 --> 01:22:09,598
Buka ubani usemnyango.

1239
01:22:09,599 --> 01:22:11,238
- Sawubona.
- Sanibona.

1240
01:22:11,239 --> 01:22:14,238
Sawubona, sthandwa sami.

1241
01:22:14,239 --> 01:22:16,278
Yini le enye? Yini le enye?

1242
01:22:16,279 --> 01:22:18,920
- Hawu. Qoqa amabhola.
- Kulungile ke, asiqoqe amabhola.

1243
01:22:19,720 --> 01:22:22,238
- Ubenjani yena?
- Sihlale kahle.

1244
01:22:22,239 --> 01:22:23,320
Yebo?

1245
01:22:23,840 --> 01:22:25,280
Uthe angikhonze ubaba.

1246
01:22:27,640 --> 01:22:28,960
Izikhwama zengane.

1247
01:22:30,880 --> 01:22:33,120
Zisemva kwakho. Besengipakishile vele.

1248
01:22:36,480 --> 01:22:38,480
Waze waqoqa kamnandi khehla lami.

1249
01:22:39,200 --> 01:22:40,200
Hah.

1250
01:22:41,080 --> 01:22:42,000
Nazo.

1251
01:22:43,320 --> 01:22:44,318
Ncese.

1252
01:22:44,319 --> 01:22:46,320
Oh, nali elinye.

1253
01:22:47,480 --> 01:22:48,480
Ngiyabonga.

1254
01:22:51,440 --> 01:22:53,238
Asambe ke khehla. Ithi bhabhayi Baba.

1255
01:22:53,239 --> 01:22:56,758
- Nali elinye. Yebo.
- Elinye futhi? Lifake ke, woza silifake.

1256
01:22:56,759 --> 01:22:57,718
Sengilifakile.

1257
01:22:57,719 --> 01:22:59,438
Hawu, nazoke.

1258
01:22:59,439 --> 01:23:00,638
{\an8}- Bhabhayi.
- Yebo.

1259
01:23:00,639 --> 01:23:02,558
{\an8}- Ithi bhabhayi.
- Bhabhayi, mfana wami.

1260
01:23:02,559 --> 01:23:04,800
{\an8}Woza lana. Yebo, phatha amabhola akho.

1261
01:23:05,320 --> 01:23:06,800
Woza ke.

1262
01:23:07,680 --> 01:23:09,838
Khehla lethu. Sizokubona ngenyanga ezayo.

1263
01:23:09,839 --> 01:23:11,160
Bhabhayi ke, mfana kababa.

1264
01:23:13,280 --> 01:23:14,200
Um...

1265
01:23:19,960 --> 01:23:22,558
Ngizokutholela ijusi uma sesifika
emotweni, uyezwa?

1266
01:23:22,559 --> 01:23:24,400
Zanele.

1267
01:23:26,280 --> 01:23:27,280
Yini?

1268
01:23:31,280 --> 01:23:32,360
Sonke lesi sikhathi...

1269
01:23:34,480 --> 01:23:36,080
kwakufanele kube uwena.

1270
01:23:37,400 --> 01:23:39,080
Kwakufanele ngikhethe wena Zanele.

1271
01:23:42,440 --> 01:23:43,600
Bhabhayi Andile.

1272
01:24:00,800 --> 01:24:01,800
Bhabhayi Zanele.

1273
01:24:18,040 --> 01:24:19,638
Ta-da.

1274
01:24:19,639 --> 01:24:22,038
Nazoke.

1275
01:24:22,039 --> 01:24:23,840
Naziya.

1276
01:24:24,960 --> 01:24:26,078
Siyakhuphuka futhi, uyakhumbula?

1277
01:24:26,079 --> 01:24:27,918
Thatha indlovu, eh-heh?

1278
01:24:27,919 --> 01:24:30,118
- Ungawi.
- Yebo.

1279
01:24:30,119 --> 01:24:33,240
Ta-da.

1280
01:24:34,160 --> 01:24:38,038
Yimake siyibuyise futhi, wabuyise. Ayibo.

1281
01:24:38,039 --> 01:24:42,158
<i>Bantwana basekhaya yazi, umjolo
uzokushuka.</i>

1282
01:24:42,159 --> 01:24:44,238
<i>Sonke siyazi.</i>

1283
01:24:44,239 --> 01:24:46,478
<i>Kodwa yazi into engichazayo ngomjolo</i>

1284
01:24:46,479 --> 01:24:48,678
<i>ukuthi la ungalindele khona ngampela,</i>

1285
01:24:48,679 --> 01:24:50,238
<i>umjolo uthi, "Bamba,</i>

1286
01:24:50,239 --> 01:24:53,958
<i>thatha nasi isipho.
Isithandwa sakho sangempela."</i>

1287
01:24:53,959 --> 01:24:56,080
<i>Hayi umjolo, Nkosi yami. Yoh.</i>

1288
01:25:53,200 --> 01:25:58,200
Subtitle translation by:
Qhawekazi Phelakho



